Umsakazo womphakathi yinkundla yokwakha isizwe
NAKUBA ngingeke ngigeqe amagula kule ngosi kodwa ngithi nami angiphonse itshe esivivaneni, hleze kube khona umehluko engingawenza. Eminyakeni eminingi ngisemsakazweni womphakathi ngiya ngokuya ngivuleka amehlo futhi ngiqonda ukuthi imisakazo yomphakathi ingabamba elikhulu iqhaza ekuhlomiseni abantu abayilalelayo ngolwazi olungaba isisekelo senqubekela phambili.
Okokuqala, kubalulekile ukwazi ukuthi umsakazo wompakathi ukhona ukuze wazise futhi ufundise umphakathi ngolwazi olwahlukene, olungaguqula isimo senhlalo kulowo mphakathi ngezindlela ezehlukeni. Futhi kubalulekile ukuqonda ukuthi umphakathi nawo kumele ubambe iqhaza elikhulu ekwakheni izinhlelo zomsakazo womphakathi ukuze ulwazi olusatshalaliswa umsakazo wawo lulekelele ekuvezeni amasu ahlukene okuxazulula izingqinamba umphakathi ongabhekana nazo.
Ngamafuphi umsakazo womphakathi uyinkundla yokucobelelana ngamasu okwakha isizwe esiphumelelayo. Umbuzo uzothi kanjani? Ngenxa yokwehlukahlukana kwezingqinamba imiphakathi ebhekana nazo ngeke ngibe nempendulo eyodwa enganelisa wonke umuntu. Kodwa owami umbono uthi umphakathi nomphakathi kungafanele ukhombe lokho okubukeka kuyizithiyo endleleni eya empumelelweni bese wakha uhlaka lwezinhlelo zomsakazo ezingaletha impumelelo emphakathini. Ngokusebenzisa umsakazo womphakathi, abantu bangabamba iqhaza lokuletha impumelelo bengazange basuke ezindlini zabo. Futhi bangakwazi ukuxhumana nabantu abavela emikhakheni eyehlukene kuhlanganisa nabavela ezinhlakeni zikahulumeni. Uma loku kucobelelana bekwenza umkhuba nezixazululo zalokho abakuhlonze njengezithiyo zingagcina kuba yizo ezenzekayo bese njalo uma bexhumana enkundleni yabo engumsakazo balethe imibono yokuyisa isizwe phambili.
Ukuphendula ngqo umbuzo othi kanjani? Okukuqala ngingathi ukuze umsakazo usebenziseke kahle, umphakathi kumele uzihlele, kube nezakhiwo ezizomela abantu abavela emikhakheni eyahlukene yomphakathi. Isibonelo, uma kunesakhiwo esizobhekana ngqo nokuhlomisa intsha ngolwazi olungayisiza ukuphumelelisa umbono enawo ngokwakha isizwe esiphumelelayo, kungaba lula ukuthi umsakazo ube inkundla lapho intsha ingahlangana nabantu abavela emikhakheni eyahlukene abangayihlomisa ngolwazi bese isizwe siya phambili. Kungenzeka into efanayo nasezinhlakeni ezahlukene ezisemphakithini, lokho okungenza izinhlelo zomsakazo womphakathi zigxile kakhulu ekuhlomiseni abalaleli ngolwazi oluzoyisa isizwe phambili.
Ngokulandelayo ngizonaba ngalokhu engingathi ubudlelwano phakathi komsakazo womphakathi nomphakathi. Lapho sizobheka ukuthi uhlelo nohlelo olusemsakazweni womphakathi lungalekelela kanjani ukuhlanganisa imihlathi eyazanayo ukuze kwakhekhe isizwe esiphumelelayo. Okunye okubalulekile umphakathi kanjalo nabasakazi ukuthi umsakazo wophakathi awuncintisani nhlobo nemisakazo emikhulu. Imisakazo yemphakathi kumele igxile ezindabeni ezikuleyo miphakathi esuke isebenzela kuyona.
Isibonelo, kuwumsebenzi womsakazo womphakathi ukwazisa ngobugebengu, intuthuko, izinhlelo zekhansela, ngisho nemisebenzi eyenzeka ezikhungweni zamaphoyisa nasezikoleni zakuleyo miphakathi eyisebenzelayo. Khona ayikho inkinga ngokubika ngezindaba ezikude kunaleyo miphakathi kodwa izindaba eziningi kumele kube ezomphakathi.
Sengiphetha, imisakazo yomphakathi kumele abantu bayisebenzise ngaso sonke isikhathi ngoba ingeyabo futhi kumele bazi ukuthi akukhokhwa, ngaphandle uma kuyisikhangiso sebhizinisi.
Okunye, kuba nokhetho noma lokhu okubizwa nge-Annual General Meeting, kumele amalungu omphakathi aphume ngobuningi bawo aqinisekise ukuthi kukhethwa abantu ababathembayo ukuthi bahlale esigungwini esilawula umsakazo ukuze konke kuhambe ngendlela. ULucky Dlamini ungumphathi weVibe FM 94.7