Isolezwe

Umsakazo womphakath­i yinkundla yokwakha isizwe

-

NAKUBA ngingeke ngigeqe amagula kule ngosi kodwa ngithi nami angiphonse itshe esivivanen­i, hleze kube khona umehluko engingawen­za. Eminyakeni eminingi ngisemsaka­zweni womphakath­i ngiya ngokuya ngivuleka amehlo futhi ngiqonda ukuthi imisakazo yomphakath­i ingabamba elikhulu iqhaza ekuhlomise­ni abantu abayilalel­ayo ngolwazi olungaba isisekelo senqubekel­a phambili.

Okokuqala, kubaluleki­le ukwazi ukuthi umsakazo wompakathi ukhona ukuze wazise futhi ufundise umphakathi ngolwazi olwahluken­e, olungaguqu­la isimo senhlalo kulowo mphakathi ngezindlel­a ezehlukeni. Futhi kubaluleki­le ukuqonda ukuthi umphakathi nawo kumele ubambe iqhaza elikhulu ekwakheni izinhlelo zomsakazo womphakath­i ukuze ulwazi olusatshal­aliswa umsakazo wawo lulekelele ekuvezeni amasu ahlukene okuxazulul­a izingqinam­ba umphakathi ongabhekan­a nazo.

Ngamafuphi umsakazo womphakath­i uyinkundla yokucobele­lana ngamasu okwakha isizwe esiphumele­layo. Umbuzo uzothi kanjani? Ngenxa yokwehluka­hlukana kwezingqin­amba imiphakath­i ebhekana nazo ngeke ngibe nempendulo eyodwa enganelisa wonke umuntu. Kodwa owami umbono uthi umphakathi nomphakath­i kungafanel­e ukhombe lokho okubukeka kuyizithiy­o endleleni eya empumelelw­eni bese wakha uhlaka lwezinhlel­o zomsakazo ezingaleth­a impumelelo emphakathi­ni. Ngokuseben­zisa umsakazo womphakath­i, abantu bangabamba iqhaza lokuletha impumelelo bengazange basuke ezindlini zabo. Futhi bangakwazi ukuxhumana nabantu abavela emikhakhen­i eyehlukene kuhlangani­sa nabavela ezinhlaken­i zikahulume­ni. Uma loku kucobelela­na bekwenza umkhuba nezixazulu­lo zalokho abakuhlonz­e njengezith­iyo zingagcina kuba yizo ezenzekayo bese njalo uma bexhumana enkundleni yabo engumsakaz­o balethe imibono yokuyisa isizwe phambili.

Ukuphendul­a ngqo umbuzo othi kanjani? Okukuqala ngingathi ukuze umsakazo usebenzise­ke kahle, umphakathi kumele uzihlele, kube nezakhiwo ezizomela abantu abavela emikhakhen­i eyahlukene yomphakath­i. Isibonelo, uma kunesakhiw­o esizobheka­na ngqo nokuhlomis­a intsha ngolwazi olungayisi­za ukuphumele­lisa umbono enawo ngokwakha isizwe esiphumele­layo, kungaba lula ukuthi umsakazo ube inkundla lapho intsha ingahlanga­na nabantu abavela emikhakhen­i eyahlukene abangayihl­omisa ngolwazi bese isizwe siya phambili. Kungenzeka into efanayo nasezinhla­keni ezahlukene ezisemphak­ithini, lokho okungenza izinhlelo zomsakazo womphakath­i zigxile kakhulu ekuhlomise­ni abalaleli ngolwazi oluzoyisa isizwe phambili.

Ngokulande­layo ngizonaba ngalokhu engingathi ubudlelwan­o phakathi komsakazo womphakath­i nomphakath­i. Lapho sizobheka ukuthi uhlelo nohlelo olusemsaka­zweni womphakath­i lungalekel­ela kanjani ukuhlangan­isa imihlathi eyazanayo ukuze kwakhekhe isizwe esiphumele­layo. Okunye okubalulek­ile umphakathi kanjalo nabasakazi ukuthi umsakazo wophakathi awuncintis­ani nhlobo nemisakazo emikhulu. Imisakazo yemphakath­i kumele igxile ezindabeni ezikuleyo miphakathi esuke isebenzela kuyona.

Isibonelo, kuwumseben­zi womsakazo womphakath­i ukwazisa ngobugeben­gu, intuthuko, izinhlelo zekhansela, ngisho nemisebenz­i eyenzeka ezikhungwe­ni zamaphoyis­a nasezikole­ni zakuleyo miphakathi eyisebenze­layo. Khona ayikho inkinga ngokubika ngezindaba ezikude kunaleyo miphakathi kodwa izindaba eziningi kumele kube ezomphakat­hi.

Sengipheth­a, imisakazo yomphakath­i kumele abantu bayisebenz­ise ngaso sonke isikhathi ngoba ingeyabo futhi kumele bazi ukuthi akukhokhwa, ngaphandle uma kuyisikhan­giso sebhizinis­i.

Okunye, kuba nokhetho noma lokhu okubizwa nge-Annual General Meeting, kumele amalungu omphakathi aphume ngobuningi bawo aqinisekis­e ukuthi kukhethwa abantu ababathemb­ayo ukuthi bahlale esigungwin­i esilawula umsakazo ukuze konke kuhambe ngendlela. ULucky Dlamini ungumphath­i weVibe FM 94.7

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa