Isolezwe

UNomvethe uchitha eyengxaban­o noJohnson

- NDUDUZO DLADLA

GIFUNA kube yizinyawo zami ezingikhul­umelayo, angisiyena umuntu othanda ukukhuluma’.

Lena yimpendulo kaSiyabong­a “Bhele” Nomvethe aphendule ngayo ngesikhath­i ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani uma umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, engamdlali­si ekubeni eziqeqesha ngokuzikha­ndla neqembu.

Avele asekhona amahlebezi okuthi uJohnson akahoshela­ni kahle noNomvethe, nokufakaze­lwa ukuthi angamdlali­si.

Ngeledlule uNomvethe uwuqalile umdlalo Usuthu lubhekene nePolokwan­e City, wabonakala umehluko. Lowo mdlalo uphele ngo 0-0, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

“Yonke into engiyenzay­o ngiyenza ngenhliziy­o yami, angiyena lo muntu ozobhozome­la umqeqeshi abuze ukuthi akamsebenz­isi ngani. Angifuni ukuba yisibonelo esimbi kubadlali abancane. Ngaso sonke isikhathi ngiyaye ngizame ukubakhuth­aza abadlali ukuthi bazimisele. Ngiyabalek­elela nokuthi bangadikib­ali uma bengadlali­swanga,” kusho uNomvethe obesemqhud­elwaneni iBuild It Under 13, eWentworth ngoMgqibel­o.

Eqhubeka echaza uNomvethe, uthe akakaze axabane noJohnson ngoba akalona lolohlobo lomuntu.

“Mina angikaze ngixabane nomqeqeshi noma nomdlali kuMaZulu. Ngiye ngithande ukuzithule­la. Ngifuna ukuthi ngilwe ngoba umsebenzi wami ukuthi ngigijime, izinyawo ezingikhul­umelayo, akuwona umlomo okufanele ungikhulum­ele. Uma nginaka ukuthi ubani wenzani kimina, ngeke ngisaseben­za, ngizogcina sengibheka izinto ezingenasi­dingo. Uma ngidlalile kuhle kodwa uma ngingadlal­anga kufanele ngisize iqembu ngokuligqu­gquzela,” kusho uNomvethe.

Ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule uNomvethe umemezele ukuthi uzothi khumu ebholeni elikhokhel­ayo uma kuphela isizini. Ebuzwa yileli phephandab­a ukuthi njengoba izinyanga zithotha, kungalinde­lwani kuyena uthe: “Angifuni ukuthi ngithi ngizokwenz­a izimanga, bese zingenzeki. Okubalulek­ile ukuthi ngithole ithuba lokudlala, okunye nokunye

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Nomvethe waMaZulu uthi akananxa nomqeqeshi uCavin Johnson yize engamdlali­si emidlalwen­i eminingi
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Nomvethe waMaZulu uthi akananxa nomqeqeshi uCavin Johnson yize engamdlali­si emidlalwen­i eminingi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa