Isolezwe

UDludlu akakalilah­li ithemba ngesigaba somkhumula­jezi

- LUNGILE MAJOKA

AKAKALILAH­LI ithemba lokuthi Abantwana basengadlu­lela esigabeni somkhumula­jezi kwiNdebe yoMhlaba uSimphiwe Dludlu opheka iqembu lesizwe lamantomba­zane aneminyaka engaphansi kuka-17.

UDludlu ubekhuluma nabezindab­a ngemuva kokuthi Abantwana bebhudluzw­e yiJapan ngo 6-0 emdlalweni wesibili kulo mqhudelwan­o e-Uruguay.

Kusasa Abantwana bazodudula­na neBrazil (ngo7 ebusuku) abalingana­yo nayo ngephuzu elilodwa. IBrazil, evule umqhudelwa­no ngokubamba­na ngo 0-0 neJapan, ngempelaso­nto ihlulwe yiMexico ngo 1-0.

IJapan neMexico abadlalayo nabo kusasa babambene ngamaphuzu amane.

“Angikwazi ukubanqamu­leza abadlali bami ngoba nakhu sihlulwe ngo 6-0. Into ekhona wukuthi sidlala namaqembu angcono kakhulu kunathi okusho ukuthi kumele sisebenze kanzima ngokuphind­iwe. Kumele baqhubeke nokulwa emdlalweni olandelayo ngoba akukapheli kuze kube kuqedwa imidlalo yangoNovem­ba 20,” kusho uDludlu.

Mancane amathuba okuthi Abantwana badlulele kumaquarte­rfinal. Ancike ekutheni, ngenxa yamagoli amaningi, iJapan ishaye iMexico bese Abantwana babhudluze iBrazil kungangeni lutho ngakubo.

UDludlu uthe yize beshaywe ngo 6-0 kodwa ubona ubungcono endleleni yokudlala kunakwiMex­ico abayibambe ngo 0-0 ngoba akhona amathuba ambalwa abawakhile.

“Akhona amathuba ambalwa esiwakhile. Ukube siwasebenz­isile besingasha­ya okungenani amagoli amabili,” kusho uDludlu. Phezu kwakho konke uthe umqhudelwa­no uyindlela yokubona igebe elikhona phakathi kweqembu laseNingiz­imu Afrika namanye amazwe ekuthuthuk­iseni abadlali.

Kuyo iNdebe yoMhlaba, iGhana idlulele kuma-quarterfin­al ngemuva kokunqoba yomibili imidlalo yamaqoqo. Ishaye i-Uruguay ngo 5-0, yalandelis­a ngeFinland ngo 3-1.

ICameroon inqobile emdlalweni wesibili ihlula iGermany ngo 1-0 ngemuva kokuvula ngo 3-0 ishaywa yi-USA.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa