Isolezwe

Abadlali bazenzele okwabo: Baxter

- ZAKHELE XABA

UGXEKE abadlali ngokuba amahlongan­dlebe umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, emuva kokuthi iqembu laseNingiz­imu Afrka libanjwe yiNigeria emdlalweni wokuhlunge­la umqhudelwa­no i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o.

IBafana idlale ngokulinga­na ngo 1-1 neSuper Eagles. Igoli leBafana lishaywe nguLebohan­g Mothiba kwathi eleNigeria kwaba wumkhonto ogwaze ekhaya kaBuhle Mkhwanazi.

Umphumela uvune iNigeria esizibekis­ele indawo kwi-Afcon ezoba seCameroon ngoJuni wonyaka ozayo. Umthwalo uhlezi phezu kweBafana ukuthi ithole okungenani iphuzu emdlalweni wokugcina neLibya ngoMashi. IBafana isendaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

INigeria inawu-10. Okwenza izinto zibe wumqansa ukuthi iLibya izobhekana neBafana idinga ukuwina noma yikanjani. ILibya ibhudluze iSeychelle­s ngo 8-1 ngempelaso­nto.

Esithangam­ini nabezindab­a emuva komdlalo uBaxter ubuzwe ngokushint­sha indlela yokudlala kweqembu. Nokho umbuzo uqale waphendulw­a nguPercy Tau oqokwe njengomdla­li ovelele.

“Ngoba kade ngisenkund­leni ngingathan­da ukuphendul­a lowo mbuzo.

Kade benabadlal­i abayisihla­nu emuva nababili enkabeni yenkundla. Bekunzima kithina ukuthola izikhala ngemuva kwalaba ababili abahlezi. Sibone ukuthi sebekhathe­le ngenxa yokushisa. Umdlali wabo wamaphakat­hi emuva kwesokudla ubekade esekhathel­e. Sibone ukuthi singadlala emuva kwabo sishaye igoli. Kodwa akusebenza­nga,” kusho uTau.

UBaxter uthe abadlali bazishints­hele bona indlela yokudlala abekade eyihlelile yamaphasi amafushane phakathi kwabadlali baseNigeri­a, baqoka ukudlala amabhola amade ngemuva kodonga lwayo.

“Uma ukhuluma ngokuziqoq­a eqenjini, abadlali uyabafaka. Ukhuluma ngokuba neqhinga futhi unamathele kulona. Noma lingaseben­zi kahle kodwa uqhubeke nalo. Kuyajabhis­a ngoba besizama ukubatshel­a abadlali enkundleni. Bekuthi njalo uma sibuyela endleleni yethu, siphumelel­e. Mhlawumbe sigxile entweni eyodwa kakhulu. Besiyidlal­a ezinyaweni kodwa besingayiv­uli inkundla ngokwanele ebizovumel­a ukuthi sidlale lawo maphasi siye phambili. Kodwa besivele sidlale ibhola elide phambili ngoba singafuni ukuphunyuk­wa yibhola.”

“Bengizama ngakho konke ukubatshel­a abadlali ukuthi abayivule inkundla ngoba abadlali baseMzansi bamandla uma bevula izikhala. Izikhala zivelile futhi iNigeria ikhombisil­e ukuthi inenkinga uma ungakusabi ukuphunyuk­wa yibhola, okuyinto esiyenzile esiwombeni sesibili. Kodwa asikwenzan­ga. Imiphumela nendlela yokudlala isemahlomb­e omqeqeshi. Engingakus­ho wukuthi besifuna ukukwenza lokho kodwa abadlali benza okwabo, bathatha indlela engenangoz­i. Bekufanele sibe nesibindi, sizifake engozini yokulahlek­elwa yibhola, siphaselan­e siye phambili. Bekungaba wubuhlakan­i ukugxila kulokhu ebesikade sikuhlelil­e.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter uzwakalise ukungenami ngendlela abenze ngayo abadlali bakhe ngesikhath­i bebhekene neNigeria ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter uzwakalise ukungenami ngendlela abenze ngayo abadlali bakhe ngesikhath­i bebhekene neNigeria ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa