UNomvethe uchitha eyengxabano noJohnson
GIFUNA kube yizinyawo zami ezingikhulumelayo, angisiyena umuntu othanda ukukhuluma’.
Lena yimpendulo kaSiyabonga “Bhele” Nomvethe aphendule ngayo ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani uma umqeqeshi waMaZulu FC, uCavin Johnson, engamdlalisi ekubeni eziqeqesha ngokuzikhandla neqembu.
Avele asekhona amahlebezi okuthi uJohnson akahoshelani kahle noNomvethe, nokufakazelwa ukuthi angamdlalisi.
Ngeledlule uNomvethe uwuqalile umdlalo Usuthu lubhekene nePolokwane City, wabonakala umehluko. Lowo mdlalo uphele ngo 0-0, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Yonke into engiyenzayo ngiyenza ngenhliziyo yami, angiyena lo muntu ozobhozomela umqeqeshi abuze ukuthi akamsebenzisi ngani. Angifuni ukuba yisibonelo esimbi kubadlali abancane. Ngaso sonke isikhathi ngiyaye ngizame ukubakhuthaza abadlali ukuthi bazimisele. Ngiyabalekelela nokuthi bangadikibali uma bengadlaliswanga,” kusho uNomvethe obesemqhudelwaneni iBuild It Under 13, eWentworth ngoMgqibelo.
Eqhubeka echaza uNomvethe, uthe akakaze axabane noJohnson ngoba akalona lolohlobo lomuntu.
“Mina angikaze ngixabane nomqeqeshi noma nomdlali kuMaZulu. Ngiye ngithande ukuzithulela. Ngifuna ukuthi ngilwe ngoba umsebenzi wami ukuthi ngigijime, izinyawo ezingikhulumelayo, akuwona umlomo okufanele ungikhulumele. Uma nginaka ukuthi ubani wenzani kimina, ngeke ngisasebenza, ngizogcina sengibheka izinto ezingenasidingo. Uma ngidlalile kuhle kodwa uma ngingadlalanga kufanele ngisize iqembu ngokuligqugquzela,” kusho uNomvethe.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uNomvethe umemezele ukuthi uzothi khumu ebholeni elikhokhelayo uma kuphela isizini. Ebuzwa yileli phephandaba ukuthi njengoba izinyanga zithotha, kungalindelwani kuyena uthe: “Angifuni ukuthi ngithi ngizokwenza izimanga, bese zingenzeki. Okubalulekile ukuthi ngithole ithuba lokudlala, okunye nokunye