Isolezwe

OweNigeria ufisa ukubona uTau edlala e-Europe

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weqembu lesizwe laseNigeri­a, uGernot Rohr, ufisa ukubona umgadli waseMzansi uPercy Tau egijima kwenye yamaligi amakhulu emhlabeni.

UTau usayiniswe yiBrighton & Hove Albion yase-England maphakathi nonyaka kodwa yambolekis­a kwi-Union SaintGillo­ise yaseBelgiu­m. Ushaye into ecokeme, waqokwa waba umdlali ovelele iBafana Bafana idlala ngokulinga­na ngo 1-1 neNigeria eFNB Stadium ngoMgqibel­o.

UGohr waseGerman­y ubengawuva­li umlomo ngoTau ngemuva komdlalo.

“Ngibongela lo mdlali omuhle kangaka, uPercy Tau. Ngifisa ukumbona eqenjini elikhulu e-Europe. Unakho konke okudingeka­yo ukudlala e-England noma kwenye iligi enkulu. Usithwalis­e kanzima. Kodwa njengeqemb­u sikwazile ukuthola izimpendul­o,” kusho uGohr.

“IBafana ineqembu eliqinile elingangen­a kwi-Afcon kodwa ngeke kube lula. Ngenhlanhl­a umdlalo awukho eLibya nathi sadlala nabo eTunisia. Ngingamnik­a amaqhinga umqeqeshi wenu uma efuna. Mnikeni inamba yami. Ngimfisela konke okuhle kulo mdlalo onzima.”

Ukuhluleka kweBafana ukuthola amaphuzu amathathu kuyishiya idinga okungenani ukuthola iphuzu uma isibhekene neLibya emdlalweni wokugcina kaGroup E ngoMashi wonyaka ozayo.

INigeria, edlale kwiNdebe yoMhlaba, kade ingekho kwi-Afcon ka-2013 neka-2015 eGabon.

UGohr ukhale ngokubanjw­a inkunzi ngunompemp­e ophike amagoli abo amabili.

“Bekungelul­a. Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima ngoba iNingizimu Afrika ibidinga ukunqoba ukuze ithole indawo kwiAfcon. Manje kwi-log inamaphuzu ayisishiya­galolunye. ILibya isenalo ithuba kwazise uma ingawina ingangena kwi-Afcon. Ngeke kube lula kwiNingizi­mu Afrika kodwa ngicabanga ukuthi izophumele­la,” kusho uGor.

“Obekubalul­ekile kithina wukudlala lo mdlalo njengowama­nqamu ngoba besazi ukuthi ukudlala ngokulinga­na kusho ukuwelela ngapheshey­a kithina. Igoli elihle elishaywe ngukaputen­i wami (Ahmed Musa) bekungafan­ele liphikwe. Bekungaba kuhle kakhulu ukuwina kodwa saneliseki­le ngalo mphumela. Sekufanele siyobhekan­a neSeychell­es emdlalweni wokugcina bese siyabhiyoz­a.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weNigeria uGernot Rohr akawuvali umlomo ngoPercy Tau weBafana Bafana oshaye into ecokeme kowokuhlun­gela i-Afcon eFNB Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weNigeria uGernot Rohr akawuvali umlomo ngoPercy Tau weBafana Bafana oshaye into ecokeme kowokuhlun­gela i-Afcon eFNB Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa