Isolezwe

U-Eymael ufunwa inqwaba yamaqembu: Makaab

- NDUDUZO DLADLA

IMENENJA kaLuc Eymael ithi kungenzeka lo mqeqeshi ayifulathe­le iNingizimu Afrika njengoba kunenqwaba yamaqembu akhele izwekazi i-Afrika amfunayo.

UMike Makaab wePro Sport Internatio­nal, uthe seziningi kakhulu izicelo esezifikil­e kuye ziqhamuka emaqenjini ahlukene ezwenikazi i-Afrika.

Kuhlukane inhloko nesixhanti ku-Eymael neFree State Stars ngeledlule, ngemuva kokugqoza kwemiphume­la. Lo mqeqeshi ushiye i-Ea Lla Koto isendaweni yesishiyag­alolunye kwi-log, ngamaphuzu awu13, emidlalwen­i ewu-14.

IStars beyisanqob­e kuphela imidlalo emithathu kwiligi selokhu kuqale isizini.

“Iqiniso ukuthi sifuna ukumzamela iqembu ahlale kuleli ngoba umsebenzi wakhe uyazikhulu­mela. Kodwa ngiyafisa ukukusho ukuthi kunenqwaba yamaqembu ase-Afrika amfunayo. Nakuba ngingeke ngawadalul­a kodwa uma ebeka etafuleni into esiyifunay­o, ngicabanga ukuthi uyogcina ehambile,” usho kanje uMakaab.

Elinye lamaqembu okuke kwabikwa ukuthi lifuna uthuli u-Eymael, iKaizer Chiefs. Ngemuva kokuputshu­ka kwemibiko ethi umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas ucushiwe kuleli qembu ngabe lokho kusho ukuthi u-Eymael ungomunye wababhekwe yiChiefs?

Akukho okusha ngokuqeqes­ha kuka-Eymael emazweni aseAfrika njengoba enerekhodi elihle namaqembu ake wawacija.

Kusuka ngo2010, lo mqeqeshi odabuka eBelgium, uqeqeshe i-AS Vita yaseDemocr­atic Republic of Congo. Ufike kuleli qembu wanqoba isicoco seligi, laphinde lanqoba isicoco iSuper Coupe du Congo ngo-2011.

Usuke lapho wayopheka iMissile yaseGabon ngawo u-2011. Unqobe nayo isicoco iChampionn­at National D1. Useke waqeqesha nase-Algeria kwiMC Oran, wadlulela nakwi-A FC Leopards yaseKenya.

Udlulele kwiRayon Sports yaseUganda, naseTunisa kwiJS Kairouan. Udlule nase-Oman lapho ayepheka khona i-Al-Nasr naseSudan kwi-AlMerrikh.

Kuleli ucije iPolokwane City neFree State Stars anqobe nayo iNedbank Cup ngesizini edlule.

 ??  ??
 ??  ?? LUC EYMAEL
LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa