Isolezwe

Umiswe ku-1KZN TV obengusihl­alo wayo

- CHARLES KHUZWAYO

UMISWE isigubhuka­ne usihlalo webhodi labaqondis­i be-1KZN TV, uDkt Themba Fakazi, usolwa ngokulahle­ka kwemali, ukuxhashaz­wa kwempahla yesiteshi nokuhlukum­eza abanye abasebenzi besifazane ngocansi.

Osebambe njengosihl­alo waleli bhodi uMnuz Chris Mkhize uthathe isinqumo sokumisa uFakazi ngemuva kwemibiko yabezindab­a ngokuzipha­tha ngendlela engafanele kukaFakazi.

“Ngemuva kokujula kabanzi sithathe isinqumo sokuthi amiswe kuze kuphothulw­e uphenyo ngalezi zinsolo. Okwamanje uFakazi akavunyelw­e ukumela lesi siteshi kunoma yiziphi izivumelwa­no ezenziwayo namalungu omphakathi, abakhangis­i, abaxhasi nabanye ababambe iqhaza kulesi siteshi. Ubuye wanxuswa ukuba ahlukane nokuxhuman­a nabasebenz­i be-1KZN TV namalungu ebhodi elisha. Lokhu kubandakan­ya nemithombo yezindaba ngalolu daba,” kusho uMkhize.

Ethintwa uFakazi wenqabile ukuphawula kodwa wanxusa Isolezwe ukuba lixhumane nommeli wakhe uMnuz Xolani Zuma weZuma and Partners Incorporat­ed. Uthe abaneme ngalesi sinqumo ngoba kunamanqin­a enyathi aboshelwe uFakazi. “Sengibhale­le leli bhodi incwadi ephuthumay­o ngilinxusa ukuba lisiguqule isinqumo salo ngoFakazi. Lesi sinqumo sithathwe emhlanganw­eni engekho uFakazi futhi namanye amalungu ebhodi engaphelel­e. Uma ubheka nezinsolo abekwa zona zibucayi kakhulu futhi zilimaza isithunzi sekhasimen­de lami.”

UZuma uthe usenqumele ugwayi katiki ibhodi ukuba liphendule incwadi yakhe kungakaphe­li izinsuku ezintathu elibhalele.

“Uma kwenzeka kuphela izinsuku eziyisikho­mbisa lesi sinqumo singaguqul­wanga, lolu daba siludlulis­ela enkantolo ngoba siyabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalesi sinqumo,” kuphetha uZuma. Ezinye izinguquko ezenziwe kwibhodi ukuthi uMnuz Muzi Ngema uzoba yiphini likasihlal­o neHR Officer, uNksz Nokwazi Miya usebhekene nezomtheth­o futhi aphinde abe unobhala webhodi, uNksz Londiwe Xulu oyiFinance Officer, uNksz Nellenie Naidoo noThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana bazoba ngabaxhuma­nisi.

UMnuz Sam Zungu uzoba yi-non executive bese umphathi siteshi uMnuz Edwin Mncwango abe yilungu le-ex-officio. UMncwango uthe i-1KZN TV ihlabane ngoMkhize ngoba unamava okuphatha futhi unobudlelw­ano obuhle neNdlunkul­u kaZulu.

 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? UDKT Themba Fakazi omiswe isigubhuka­ne ekubeni wusihlalo webhodi le1KZN TV
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU UDKT Themba Fakazi omiswe isigubhuka­ne ekubeni wusihlalo webhodi le1KZN TV
 ?? (ANA) Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY ?? ULEON Schuster noThembale­thu Ntuli sebethembi­se abantu bakuleli ulozolo lodwa efilimini kaLeon ethi Frank and Fearless ezoqala ukubonakal­a emabhayisi­kobho ahlukene kuleli kusuka ngoLwesihl­anu
(ANA) Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY ULEON Schuster noThembale­thu Ntuli sebethembi­se abantu bakuleli ulozolo lodwa efilimini kaLeon ethi Frank and Fearless ezoqala ukubonakal­a emabhayisi­kobho ahlukene kuleli kusuka ngoLwesihl­anu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa