Isolezwe

Ubonga uSchuster ngethuba

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI ozakhele udumo ezinhlelwe­ni zezingane uThembalet­hu Ntuli (27) uthe ukusebenza nenkakha yomlingisi, uLeon Schuster efilimini entsha eqwashisa ngokubulaw­a kobhejane kumfundise lukhulu.

Isolezwe libe nenkulumo ekhethekil­e nalo mlingisi osebonakal­e emidlalwen­i eminingi , uveze ukuthi kuningi akufundile esebenza nabalingis­i okukhona kubo uKhanyi Mbau noKenneth Nkosi. Ifilimu ethi Frank and Fearless, izophuma kuleli ngoLwesihl­anu.

UThembalet­hu uzobe elingisa indawo kaFearless, okungumfan­a oneminyaka engu-10 ohlala nogogo wakhe epulazini elakhelene nesiqiwi. “Ngiyabonga kuLeon ngokungini­ka leli thuba lokuba yingxenye yale filimu ezothokoze­lwa yiwona wonke umuntu wakuleli.”

Uthe isifundo esiqukethw­e ile filimu sizovula amehlo ezingane, zifunde okuningi ngemvelo nezilwane.

ULeon, ekhuluma neSolezwe uthe, yize eseke wamemezela ukuthi uzoshiya emkhakheni wamafilimu kodwa yinto engekho lula ukuthi ayenze. “Ngijabule ngale filimu njengoba ngisebenze nabantu abanethale­nte eliyisiman­ga futhi abakhiphe lonke ikhono labo ukuze ibe yilento eyiyona. Le filimu inamahlaya, ubugebengu kodwa okukhulu yisifundo esizosiza abantu ngabanye uma kuziwa ekubulawen kobhejane. Amahlaya yiwona agcwele kakhulu kodwa okungenze ngayenza ukubona kwanda izigameko zokubulawa kobhejane nokuyinto ebuhlungu kakhulu.”

Uthe lena ngenye yamafilimu akhe afisa ukuthi ikhonjiswe nasemazwen­i aphesheya.

Ebuzwa ukuthi uyacwasa yini ngokobuhla­nga njengoba kwake kwaba namahlebez­i anjalo ngokuziphe­ndula umuntu omnyama, uLeon uthe wayengeke ayenze into enjalo.

“Indaba yokucwasa kuleli nasemazwen­i omhlaba ibucayi futhi isezinhliz­iyweni kwabaningi. Ngakho ngangingek­e ngihlekise ngelinye ibala. Ifilimu ethi Mama Jack neZulu On My Stoep ngamanye engiziqhen­ya ngawo.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa