Isolezwe

Uvalo ngokuhlehl­a kwemingcwa­bo kuteleka abahlinzi

- PHILI MJOLI noLUNGI LANGA

KUNGENZEKA kubhuntshe eminye imingcwabo njengoba sekungenel­ele abasebenzi bakwamanye amakhaza kahulumeni embhidlang­weni wokuhudula izinyawo oqale emakhazeni aseFort Napier eMgungundl­ovu.

Umndeni wakwaKhuma­lo, eBulwer bekumele ungcwabe ngoMgqibel­o owedlule kodwa umngcwabo wabhuntsha ngoba isidumbu sawo siduve emakhazeni ngenxa yesiteleka esiqhubeka­yo eFort Napier. Lo mndeni awazi ukuthi ngabe uzokwazi yini ukungcwaba kuleli sonto.

UMnuz Nkosi Khumalo indodana kaMnuz Sibangani Khumalo (62), oshone ngoMsombul­uko odlule ngemuva kokuwela emlilweni eshisa imfucuza emzini wakhe, uthi abazi ukuthi bazokwazi yini ukungcwaba uyise kuleli sonto.

Uthe uyise ubenesifo sokuwa, basola ukuthi samvuka ngesikhath­i eshisa imfucuza, wawela emlilweni.

“Ubaba uhlale amasonto amabili esibhedlel­a e-Edandale washona ngoMsombul­uko odlule. Ubelimele kakhulu, besifisa ukuthi asheshe afihlwe kodwa satshelwa ukuthi njengoba elimele kanje uyefana nomuntu olimele ngengozi. Akukho ebesingakw­enza, savumelana nalokho. Bengilokhu ngiya khona ngiyobuza ngitshelwe ukuthi abasebenzi basesitele­keni, bahlinza izidumbu ezimbili ngosuku,”

Ngenxa yalokhu uthe abakwazi ukutshela izihlobo ukuthi umngcwabo unini, ngaphezu kwalokho yena usephelelw­e yizinsuku abenikezwe zona emsebenzin­i.

“Angazi ukuthi emsebenzin­i bazothini njengoba seziphelil­e izinsuku zomndeni ebebengini­ke zona. Ngibashaye­le ucingo ngachaza ukuthi sibheke nesimo esinje futhi angikwazi ukushiya ekhaya ngoba yimina okumele afihle ubaba kodwa abaphumang­a nazwi ukuthi kumele ngenze njani. Ngilindele noma yini, kungenzeka bangikhomb­e indlela ngoba bengisanda kuqala, anginayo ilivu,” kusho yena.

NgoLwesihl­anu uthe watshelwa ukuthi isidumbu sikayise singunombo­lo 13 ohlwini lwabazohli­nzwa. Uma ebala ubona sengathi nakuleli sonto isidumbu sikayise sizobe singakahli­nzwa.

Izolo kuvele ukuthi abasebenzi basemakhaz­eni akuGale Street (osuwaziwa ngoMagwaza Maphalala), ePinetown, ePark Rynie nasePort Shepstone nabo sebeqalile ukuhudula izinyawo.

Umsebenzi wakuGale Street ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a uthe zilinganis­elwa ku-32 izidumbu ezilinde ukuhlinzwa kulawa makhaza njengoba abasebenzi behlinza izidumbu ezilingani­selwa kweziyisit­hupha kuphela ngosuku.

“Okwamanje akukazweli noma seyikhona imindeni efikayo kodwa uma kuqhubeka isonto izofika imindeni nokuyilaph­o okuzoba khona nenkinga,” kusho lo msebenzi.

EPinetown kuthiwa kunezidumb­u ezingu-32 ezilinde ukuhlinzwa, kuhlinzwe ezimbili ngoMsombul­uko kuneziyish­iyagalombi­li ezivame ukuhlinzwa. EPark Rynie khona kuthiwa bahlinze isidumbu esisodwa, izolo.

NgoLwesine oludlule abasebenzi basemakhaz­eni asePort Shepstone babike ukuthi bayagula, bangeza emsebenzi. UNobhala wenyunyana yabasebenz­i, iPublic and Allied Workers Union (Pawusa), uMnuz Halalisani Gumede, uthe

bakholwa ukuthi lokhu kuyahambis­ana nokungenam­i kwabaseben­zi ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo.

Uthe abasebenzi ababeqashe­lwe ukuhlanza amakhaza, nokushayel­a izimoto asebehlinz­a izidumbu. Kabaholelw­a ngokwenza lokhu, imiholo yabo ikhomba ukuthi basenza imisebenzi abaqashelw­a yona, yize sebehlinza.

“Umnyango uyazi ngezimo abasebenzi abasebenza kuzo futhi wasayina isivumelwa­no sokuthi abasebenzi bazokhokhe­lwa ngendlela kodwa wangasigci­na isivumelwa­no, ngoba uvikela abathile,” kusho uGumede.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe kuyakhatha­za okwenziwa ngabaseben­zi nakuchaze njengesite­leka esingekho emthethwen­i. Uthe isimo sibukeka sibuyele kwesijwaye­lekile eFort Napier.

Uthe bayaphenya ngezinhlel­o zokuphazan­yiswa kokusebenz­a kwamanye amakhaza aseKZN. Ngokusho kwakhe, izindaba ezithinta abasebenzi ziyaxoxwa ngemigudu yeNational Bargaining Council.

“UMnyango ufisa ukuqinisek­isa kumalungu omphakathi ukuthi wenze izinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi izidumbu azimbondel­ani, uma abasebenzi beqhubeka nesiteleka bazobe bephambana nomthetho,” kusho uNksz Mafunda.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa