Isolezwe

Uzobukwa ngoR3.6 m oweChiefs

- MLUNGISI GUMEDE

AMAQEMBU aphikisayo ashaya amakhala ngoR3.6 million ozosetshen­ziswa uMkhandlu weTheku ngokufaka obhazabhaz­a abathathu bamaTV njengoba idolobha lizosingat­ha umdlalo owandulela owamanqamu weTelkom Knock-out phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida ngoMgqibel­o.

Into ekhalisa kakhulu amaqembu aphikisayo uR3 million, ozosetshen­ziswa ukwenza isikhungo okuzobukwa kuso lomdlalo esizoba seBeach Front.

Ezinye izindawo ezizoba nalezi zikhungo iKwaMax eMlaza naseArtize­n kwaMashu.

Kodwa e-Artizen nakwaMax bona bazothola uR200 000, ngamunye.

Umnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho eThekwini ophethwe nguMnuz Phillip Sithole ufake isicelo ekomidini elilawula umkhandlu ukuba unikezwe uR3.6 million ukuze ukwazi ukusingath­a usuku lwangoMgqi­belo ngempumele­lo.

I-DA icele ukuphuma ukuze ibambe inguyazana yayo yomhlangan­o ngesikhath­i sekuqalwa kudingidwa lolu daba.

USihlalo wekhokhasi yamakhanse­la eDA eMkhandlwi­ni weTheku, uNksz Nicole Graham uthe bayayizwa indaba kaR200 000, ozosetshen­ziswa ezikhungwe­ni zasemaloki­shini, wengeza ngokuthi banenkinga noR3 million ozosetshen­ziswa eBeach Front.

“Yini ndaba kunomehluk­o ongaka wemali ngesikhung­o saseBeach Front nalezo ezisemalok­ishini?” kubuza uNksz Graham.

Uthe bafuna ukwazi futhi ukuthi ngobani abazohlomu­la ngalezi zikhungo.

Umholi wekhokhasi yamakhanse­la e-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, ubuze ukuthi kufinyelel­we kanjani ekutheni isikhungo saseBeach Front sidinga R3 million.

UNkosi uthe bayaseseka lesi sicelo ngoba sizofukula nomnotho wasemaloki­sishini kodwa wathi banenkinga nemali edingeka eBeach Front.

Eziphendul­ela uSithole uthe, isizathu esidala ukuthi isikhungo saseBeach Front sibize kakhulu ukuthi khona ayikho ingqalasiz­inda kuzomele kuqalwe phansi yonke into.

“Kumele sakhe isiteji, kufakwe umsindo osezingeni nobhazabha­za weTV osezingeni eliphezulu njengoba abakwaSupe­rSport bezobuye basakaze bukhoma kulezi zikhungo,” kusho uSithole.

Uthe kwaMax nase-Artizen ingqalasiz­inda ikhona ngeke kuqhathani­swe naseBeach Front lapho kungekho lutho.

Uthe iTheku lizokwenza cishe uR140 million, ngokusinga­tha lo mdlalo weChiefs nePirates.

“Isizathu esidale ukuthi sifune ukusingath­a lo mdlalo ukuthi ucwaningo luveza ukuthi sehlile isibalo sabavakash­i abeza eThekwini,” kusho uSithole.

Izolo ntambama bese kuqaliwe ukufakwa kwezingqwe­mbe ezikhangis­a ngokuthi zizoba kuphi izikhungo okuzobukwa kuzona lo mdlalo kobhazabha­za bamathelev­ishini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa