Ithimba labacwaningi likhala ngenhlonipho
ITHIMBA labacwaningi mabhuku eMkhandlwini weTheku likhala ngokuthi izikhulu zikamasipala azilihloniphi okwenza ukuthi izincomo ezisuke zenziwe zingalandelwa.
Lethule umbiko walo emhlanganweni wekomiti elilawula uMkhandlu weTheku eCity Hall izolo.
UMnuz Ronald Machumi, iNhloko yethimba, uthe bakhathazekile ngokuthi izikhulu zomkhandlu azizi uma bezibizele emhlanganweni okwenza ukuthi basebenze kanzima. “Lokhu kwenza ukuthi izincomo ezisuke zenziwe zingalandelwa ngoba kunabantu okumele ngabe sebabekwa amacala enkohlakalo kodwa lokho akwenzekile ngoba akukho ukubambisana okuhle phakathi kwethu nezikhulu zikamasipala,” kusho uMachumi.
Uthe ikomiti labo lihlale libona kubikwa ngezinsolo okuthiwa zenzeka emkhandlwini zokusetshenziswa budedengu kwemali.
Umholi wekhokhasi ye-IFP eMkhandlwini weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, uthe inkinga idalwa wukuthi kwawona amakhansela athatha izinqumo kodwa zingalandelwa.
“Inkinga nathi sithatha izinqumo siyikomiti elilawula umkhandlu kodwa zingalandelwa. Sifike sikhulume amakhansela e-ANC ahambe aye eqenjini lawo kufike kuguqulwe zonke izinqumo esisuke sizithathile,” kusho uNkosi.
Ikhansela leDA, uMnz Heinz de Boer, lithe ngeke iphele inkohlakalo eThekwini ngoba iziphathimandla kazizimisele ngokuyiqeda.
“Uma lingahlonishwa ithimba labacwaningi nezincomo zalo zingahlonishwa, sizoyilwa kanjani inkohlakalo?” kubuza uDe Boer.
Ikhansela le-ANC, uMnuz Sipho Kaunda, lithe bayawamukela umbiko owethulwe yithimba labacwaningi. Bazowudlulisela kwimenenja yomkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza.
UNzuza neMeya uNkk Zandile Gumede bebengekho emhlanganweni wayizolo.