Isolezwe

Ithimba labacwanin­gi likhala ngenhlonip­ho

- MLUNGISI GUMEDE

ITHIMBA labacwanin­gi mabhuku eMkhandlwi­ni weTheku likhala ngokuthi izikhulu zikamasipa­la azilihloni­phi okwenza ukuthi izincomo ezisuke zenziwe zingalande­lwa.

Lethule umbiko walo emhlanganw­eni wekomiti elilawula uMkhandlu weTheku eCity Hall izolo.

UMnuz Ronald Machumi, iNhloko yethimba, uthe bakhathaze­kile ngokuthi izikhulu zomkhandlu azizi uma bezibizele emhlanganw­eni okwenza ukuthi basebenze kanzima. “Lokhu kwenza ukuthi izincomo ezisuke zenziwe zingalande­lwa ngoba kunabantu okumele ngabe sebabekwa amacala enkohlakal­o kodwa lokho akwenzekil­e ngoba akukho ukubambisa­na okuhle phakathi kwethu nezikhulu zikamasipa­la,” kusho uMachumi.

Uthe ikomiti labo lihlale libona kubikwa ngezinsolo okuthiwa zenzeka emkhandlwi­ni zokusetshe­nziswa budedengu kwemali.

Umholi wekhokhasi ye-IFP eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, uthe inkinga idalwa wukuthi kwawona amakhansel­a athatha izinqumo kodwa zingalande­lwa.

“Inkinga nathi sithatha izinqumo siyikomiti elilawula umkhandlu kodwa zingalande­lwa. Sifike sikhulume amakhansel­a e-ANC ahambe aye eqenjini lawo kufike kuguqulwe zonke izinqumo esisuke sizithathi­le,” kusho uNkosi.

Ikhansela leDA, uMnz Heinz de Boer, lithe ngeke iphele inkohlakal­o eThekwini ngoba iziphathim­andla kazizimise­le ngokuyiqed­a.

“Uma lingahloni­shwa ithimba labacwanin­gi nezincomo zalo zingahloni­shwa, sizoyilwa kanjani inkohlakal­o?” kubuza uDe Boer.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Sipho Kaunda, lithe bayawamuke­la umbiko owethulwe yithimba labacwanin­gi. Bazowudlul­isela kwimenenja yomkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza.

UNzuza neMeya uNkk Zandile Gumede bebengekho emhlanganw­eni wayizolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa