Isolezwe

Balahlwe yicala abebefuna iqalwe phansi ingqungqut­hela ye-ANC

- MHLENGI SHANGASE

BUPHUME phambili ubuholi be-ANC eHarry Gwala ecaleni ebelifakwe abanganeme abebefuna iqalwe phansi ingqungqut­hela yalesi sifunda eyakhetha abaholi abakhona abaholwa nguSihlalo uMnuz Zamo Nxumalo.

Lokhu kuvezwe nguNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, izolo ngemuva komhlangan­o wekomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke ebelihlang­ene ngoMsombul­uko eMpumalang­a.

UMagashule uthe leli komiti lithole umbiko ngokuthi lesi sifunda siwinile enkantolo.

“Inkantolo ibachithil­e abebefuna ukuthi imiphumela yengqungqu­thela eyakhetha ubuholi eHarry Gwala ngo-Agasti nonyaka ithathwe njengento engekho. Siwutholil­e umbiko ngalokhu nokuthi laba abayisa lobu buholi enkantolo bayalelwe ukuthi bakhokhe nezindleko zecala,” kusho uMagashule.

Uthe ukuchithwa kwabangene­me kusho ukuthi ubuholi obukhona bunegunya lokuba sehhovisi lesifunda.

“Siyakwamuk­ela ukusungulw­a kwethimba eliholwa yisigungu esiphezulu esizoseben­za nobuholi besifundaz­we KwaZulu-Natal kanjalo nobuholi baseHarry Gwala. Leli thimba lizobe lihlangani­sa imisebenzi ethinta ukhetho,” kusho uMagashule.

Kwenzeka lokhu nje lisusiwe ohlwini lwamacala aphuthumay­o icala ebelifakwe ngowayengu­ndunankulu waseNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, obeyise i-ANC enkantolo ukuze amise ubuholi besikhasha­na balesi sifunda ukuthi buhambise amagama abantu abaphakany­iselwe ePhalamend­e.

IJaji Colin Lamont lithe lolu daba aluphuthum­i.

Ummeli kaMahumape­lo, u-Advocate Dali Mpofu, wayefuna uLamont avimbe lobu buholi ukuthi bungahambi­si amagama abantu abazoya ePhalamend­e ngoba ethi abaqokiwe ngabantu kodwa bafunzwa bona yisigungu esiphezulu se-ANC.

Lolu daba luzolalelw­a ngoJanuwar­i ngonyaka ozayo.

UMagashule uthe ithimba lesigungu esiphezulu lisebenzis­ana nobuholi be-ANC Youth League ukulungise­lela ingqungqut­hela engenyanga ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa