Isolezwe

Ungoti uchitha i-IMF ngemalimbo­leko

- BONISWA MOHALE

I-INTERNATIO­NAL Monetary Fund (IMF) ithi iSouth African Reserve Bank (SARB) kufanele inyuse imalimbole­ko ukuze umnotho ukhule kahle.

I-IMF ithe ukubuyekez­a izinga lokukhula komnotho obekulinde­leke ukuthi ukhule ngo-1.5% kodwa osuzokhula ngo-0.7% nokuthi izwe lilengela kwinzikamn­otho, yiko okwenza i-IMF ifune kunyuswe imalimbole­ko.

“Bekunethem­ba lokuthi umnotho uzokhula kodwa konke lokho kushabalel­e. Inkampani ekhiqiza ugesi, i-Eskom ayikho esimeni esihle ngenxa yezikwelet­u. Uhulumeni ufuna ukushintsh­a noMthethos­isekelo ukuze aqale ukubuyisa umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo,” kusho i-IMF esitatimen­deni.

Ithe udaba lomhlaba kufanele lubukwe ngendlela ezoqinisek­isa ukuthi ezolimo ziyathuthu­ka.

Iphinde yathi kufanele sifakelwe izibuko isiphakami­so se-ANC sokuthi iSARB kufanele yenganyelw­e wuhulumeni ngoba lokhu kuphazamis­a abatshaliz­imali.

Isazi sezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe kuyoba yishwa ukuthi iSARB inyuse imalimbole­ko ngoba isimo asisibi.

“Angihambis­ani nesiphakam­iso se-IMF ngoba iSARB inohlelo lokugcina amandla emali (inflation targeting) ephakathi kuka3% no-6%. Njengamanj­e angaphezuk­u kancane nje kuka-5% okusho ukuthi izinto azikashint­shi kakhulu. Bekungangc­ono ukuthi ngoLwesine iBhange loMbuso lingayishi­ntshi imalimbole­ko liyishiye kuleli zinga ekulo njengamanj­e. Siyafisa nokuthi yehliswe ngo-25 basis points ngoba iRandi lihweba kahle uma liqhathani­swa nemali yakwamanye amazwe futhi no-oyela ongahluziw­e wehlile,” kusho uDumisa.

Uthe kuzocaca ngoLwesine ukuthi iBhange loMbuso lenza njani kodwa yena akafuni inyuswe imalimbole­ko.

Uthe ukunyuswa kwemalimbo­leko kusho ukwanda komthwalo emahlombe abantu abanezikwe­letu ngoba kunyusa inzalo abayikhokh­ayo.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bakukhutha­lele ukwazi ngezindaba zomnotho futhi baphawule ngazo ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngemalimbo­leko ngoba iyabathint­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa