Uchaphe uGordhan ngenhlamba
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ubize uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ngenja esetshenziswa yizicebi ezingabelungu ukuqhwaga amandla oMbuso.
“UGordhan uyinja yabelungu abasebenzisa uMbuso. Uma uhlasela kukhala bona, ukhohlakele futhi akahlukile kuloyo owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma. BakuWhatsApp ofanayo ophethwe wuCyril Ramaphosa. Bafunda inkohlakalo kwi-ANC. Mina angikhohlakele ngoba angikaze ngivakashele emzini wakwaGupta futhi angikaze ngizwane namalungu akhona,” kusho uMalema. Uthe uGordhan unamasheya ezinkampanini zabacindezeli futhi indodakazi yakhe yathola uR8 million ngokusebenzisana nohulumeni.
Ucele abantu ukuthi bangabajahi ngokubuza ubufakazi ngoba bukhona futhi bazobuletha maduze. Izolo uGordhan uthe akakaze avakashe emzini wakwaGupta oseSaxonwold futhi akakaze ahambele umshado walo mndeni owawuseSun City.
UGordhan uthe wayethwele kanzima elwa nabantu bakwaGupta ababefuna ukusondelana naye.
“Angikaze ngibe nobudlelwane nomndeni wakwaGupta futhi angikaze ngikhulume nawo ngebhizinisi ngoba angidayisi. Kade amalungu alo mndeni ayezama ukuhlangana nami futhi uMalema (Julius) ukhohlisa iPhalamende uma ethi ngake ngahlangana nalo mndeni,” kusho uGordhan.
Uthe wayebona amalungu alo mndeni uma kunemicimbi yomphakathi abale kuyo imidlalo yekhilikithi nemicimbi yephephandaba, iThe New Age eyayivame ukuxhasa imicimbi kahulumeni.
Uthe wake wahlangana nosomabhizinisi waseIndia owaziwa ngokuthi u-Ambani owayefuna ukutshala imali eNingizimu Afrika.
Uphinde waveza ukuthi uZuma uyena owamazisa uMnuz Ajay Gupta ayembiza ngomhlobo wakhe.
“Nganginomhlangano noZuma ngesikhathi kufika u-Ajay owathi ungumhlobo kamengameli. Angizange ngikhulume okuningi naye futhi angikaze ngivakashele emzini wakwaGupta. Ngesikhathi sami ngahoxisa nemicimbi yeNew Age ngoba angihambisani nokusetshenziswa koMbuso.
Khonamanjalo uZuma ufake amaphepha aphikisa izinqumo ezithathwe yikhomishini ebiphenya ngenkohlakalo yakwaSARS kaJaji Robert Nugent eyaphakamisa ukuthi kuxoshwe uMnuz Tom Moyane.
UZuma uthe ngesikhathi eqoka ikhomishini kaNugent wayengashongo ukuthi akubhekwe izinkontileka zabasebenzi.
Uthe uyena owaqoka le khomishini futhi uNugent akenzanga aqashelwe kona kodwa uphambene nemigomo ayebekelwe yona.
UMoyane ufake amaphepha okuthi uRamaphosa abuyekeze isinqumo sokumxosha.