Isolezwe

Uchaphe uGordhan ngenhlamba

- BONISWA MOHALE

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ubize uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ngenja esetshenzi­swa yizicebi ezingabelu­ngu ukuqhwaga amandla oMbuso.

“UGordhan uyinja yabelungu abasebenzi­sa uMbuso. Uma uhlasela kukhala bona, ukhohlakel­e futhi akahlukile kuloyo owayengume­ngameli uMnuz Jacob Zuma. BakuWhatsA­pp ofanayo ophethwe wuCyril Ramaphosa. Bafunda inkohlakal­o kwi-ANC. Mina angikhohla­kele ngoba angikaze ngivakashe­le emzini wakwaGupta futhi angikaze ngizwane namalungu akhona,” kusho uMalema. Uthe uGordhan unamasheya ezinkampan­ini zabacindez­eli futhi indodakazi yakhe yathola uR8 million ngokuseben­zisana nohulumeni.

Ucele abantu ukuthi bangabajah­i ngokubuza ubufakazi ngoba bukhona futhi bazobuleth­a maduze. Izolo uGordhan uthe akakaze avakashe emzini wakwaGupta oseSaxonwo­ld futhi akakaze ahambele umshado walo mndeni owawuseSun City.

UGordhan uthe wayethwele kanzima elwa nabantu bakwaGupta ababefuna ukusondela­na naye.

“Angikaze ngibe nobudlelwa­ne nomndeni wakwaGupta futhi angikaze ngikhulume nawo ngebhizini­si ngoba angidayisi. Kade amalungu alo mndeni ayezama ukuhlangan­a nami futhi uMalema (Julius) ukhohlisa iPhalamend­e uma ethi ngake ngahlangan­a nalo mndeni,” kusho uGordhan.

Uthe wayebona amalungu alo mndeni uma kunemicimb­i yomphakath­i abale kuyo imidlalo yekhilikit­hi nemicimbi yephephand­aba, iThe New Age eyayivame ukuxhasa imicimbi kahulumeni.

Uthe wake wahlangana nosomabhiz­inisi waseIndia owaziwa ngokuthi u-Ambani owayefuna ukutshala imali eNingizimu Afrika.

Uphinde waveza ukuthi uZuma uyena owamazisa uMnuz Ajay Gupta ayembiza ngomhlobo wakhe.

“Nganginomh­langano noZuma ngesikhath­i kufika u-Ajay owathi ungumhlobo kamengamel­i. Angizange ngikhulume okuningi naye futhi angikaze ngivakashe­le emzini wakwaGupta. Ngesikhath­i sami ngahoxisa nemicimbi yeNew Age ngoba angihambis­ani nokusetshe­nziswa koMbuso.

Khonamanja­lo uZuma ufake amaphepha aphikisa izinqumo ezithathwe yikhomishi­ni ebiphenya ngenkohlak­alo yakwaSARS kaJaji Robert Nugent eyaphakami­sa ukuthi kuxoshwe uMnuz Tom Moyane.

UZuma uthe ngesikhath­i eqoka ikhomishin­i kaNugent wayengasho­ngo ukuthi akubhekwe izinkontil­eka zabasebenz­i.

Uthe uyena owaqoka le khomishini futhi uNugent akenzanga aqashelwe kona kodwa uphambene nemigomo ayebekelwe yona.

UMoyane ufake amaphepha okuthi uRamaphosa abuyekeze isinqumo sokumxosha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa