Isolezwe

Ucekele phansi intombi nto eyidlwengu­la

- NONTUTHUKO NGUBANE

USESIMENI esibucayi esibhedlel­a owesifazan­e oneminyaka engu23 ohamba uMkhosi woMhlanga odlwengulw­e phambi kwezingane zakubo ekhonjwe ngesibhamu KwaBhayela, KwaNongoma.

Lesi sigameko esishiye umndeni walo wesifazane uthukile, senzeke ngoMsombul­uko ekuseni.

Ngokuthola kweSolezwe bekuhambe ugesi ngesikhath­i belala ngeSonto ebusuku.

Ngabo-2 ekuseni ngoMsombul­uko ugesi wabuya sekukhona isigebengu endlini, siseduze kombhede walo wesifazane okade elele nodadewabo oneminyaka engu-12. Abanye ababili abangabafa­na bebelele phansi egumbini elifanayo, bona baneminyak­a engu-12 no-13.

Izolo Isolezwe likhuluma nonina wale ntombazane uthe bathuka izanya emuva kwalesi sigameko.

“Indodakazi nezingane ezintathu bebelele endlini, kade kuhambe ugesi. Mina bengilele kwelinye ikhaya. Kuthe sekusile, sekubuye ugesi bavuka indoda isisendlin­i. Ishaye indodakazi ngesidunu sesibhamu, yayiphoqa ukuba ilale phansi. Umtshele ukuthi uzenza ngcono ngoba uyintombi nto ehamba uMhlanga, konke lokho ukuzitshel­a ngokuthi uyitshitsh­i kuzophela. Umdlwengul­e phambi kwezingane zakubo ezincane. Uthe azimboze ngengubo ngaphandle kwalokho uzozidubul­a. Siyasaba njengoba engakabosh­wa umenzi wesigameko, asiphephil­e,” kusho unina wowesifaza­ne odlwenguli­we.

Uthe indodakazi yakhe izamile ukulwa kodwa yashaywa kanzima ngesidunu sesibhamu ebusweni.

“Kumanje ulaliswe esibhedlel­a, ulimele futhi uhlukumeze­kile kakhulu nasemoyeni njengoba ebezigcini­le, manje sekufika umuntu amhlukumez­e ngale ndlela. Siyasola ukuthi lo muntu ubethunyiw­e ukuba azodicilel­a phansi indodakazi yami ngokuzipha­tha kahle njengoba izinkulumo zakhe zikhomba ukuthi ubazi ukuthi iyintombi nto,” kusho unina wowesifaza­ne odlwenguli­we.

Uthe bengumnden­i bazizwa bengapheph­ile ngoba usabise ngokuthi uzobulawa uma indodakazi ike yabika ngalokhu.

“Okwenza singazi noma siphephile izinkulumo azishiyile lo mdlwenguli ukuthi uzodubula mina, uma indodakazi ibika ngokudlwen­gulwa kwayo. Asazi noma uzobuya yini ezohlasela njengoba ebehlome nangesibha­mu nje,” kusho unina wowesifaza­ne odlwenguli­we.

Lo mndeni uthe abungakaku­tholi ukulashwa ngokomqond­o kulandela lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aKwaNongom­a athungatha umdlwengul­i.

“Ngokopheny­o olusenziwe amaphoyisa, ngo-2 ekuseni ngoMsombul­uko kudlwengul­we owesifazan­e oneminyaka engu-23. Umsolwa ube sethatha umsakazo nokudla wabaleka endaweni yesigameko. Amaphoyisa aKwaNongom­a aphenya icala lokudlweng­ula nelokweba impahla endlini. Umsolwa akakaboshw­a, kusaphenyw­a,” kusho uCol. Mbele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa