Isolezwe

ICosatu igxeka ukwenyuswa kwamaholo ezikhulu

- MHLENGI SHANGASE

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na zabasebenz­i iCosatu KwaZulu-Natal, usugxeke isiphakami­so sokuthi uMengameli uMnuz Cyri Ramaphosa nePhini lakhe, amajaji, ongqongqos­he kanjalo noSomlomo wePhalamen­de, banyuselwe imali ngo-4% ekubeni kunesikhal­o ngemali ekhokhelwa izisebenzi zikahulume­ni.

UNobhala weCosatu eKZN, uMnuz Edwin Mkhize, uthe uyaxakeka ukuthi imali izonyuswa kanjani kangaka ngoba nezisebenz­i zikahulume­ni azisindile ezembeni lokudilizw­a njengoba uNgqongqos­he weziMali uMnuz Tito Mboweni akhala ngokuthi sikhulu kakhulu isabelo esikhokhel­wa laba basebenzi.

UMkhize uthe kuyadida ukuthi uhulumeni ukhala kanje kodwa izikhulu zibe zizonyusel­wa ngale ndlela imali.

Ngokwesiph­akamiso esilinde uMengameli ukuthi asigunyaze, uRamaphosa iholo lakhe lizonyuka cishe ngoR120 000 ngonyaka lisuke kuR3 million liye kuR3.1 million ngonyaka. Usomlomo, amajaji nosihlalo womkhandlu wezifundaz­we nabo kuphakanyi­swe ukuthi banyuselwe ngoR100 000, ongqongqos­he nondunanku­lu ngoR90 000.

“Uhulumeni uyasikhohl­isa, kukhalwa ngemali ekhokhelwa abasebenzi bese izikhulu zinyuselwe ngemali engaka. Kanti ukunqanyul­wa kwemali kwenziwa kubasebenz­i kuphela yini noma kwenziwa kuwona wonke umuntu. Asihambisa­ni nokuthi kwenyuswe imali yalezi zikhulu ngoba vele zihola kakhulu,” kusho uMkhize.

Uthe ngenxa yokwanda kwezehlaka­lo zokudilizw­a kwabaseben­zi emikhakhen­i ehlukene okubalwa nomasipala, bazomashel­a eHhovisi likaNdunan­kulu uMnuz Willies Mchunu, lapho bezohambis­a uhlu lwezikhala­zo ngendaba yokudilizw­a.

Le mashi ezoba kusasa eMgungundl­ovu izoholwa nguMengame­li weCosatu, uNksz Zingiswa Losi.

UMkhize uthe bonke abasebenzi abazoba yingxenye yale mashi bazobe bevikeleki­le ngoba bafake isicelo sokuthi abasebenzi babe yingxenye yale mashi.

“Omasipala sebeyadili­za. Sibambe uMasipala waseLangal­ibalele (okwahlanga­niswa uMasipala waseMbabaz­ane noMtshezi) abafuna ukudiliza abasebenzi bengayilan­delanga imigomo.

“Inkinga ngukuthi awekho amakhono okuphatha yingakho bemane bacabanga ukudiliza. Sikulwile lokhu neSamwu ukuze kulandelwe uhlelo lwezomthet­ho.”

UMkhize uthe uma ngase izinkampan­i ezingaphan­si kukahulume­ni zingadayis­wa, abasebenzi bazolahlek­elwa wumsebenzi wathi yingakho bengahambi­sani nokwashiwo nguMboweni mayelana neSouth African Airways.

Lo mfelandawo­nye ugxeke nezinkinga ezibhekene nabasebenz­i eMnyangwen­i wezeMpilo esifundazw­eni.

USihlalo weCosatu eKZN, uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, ugxeke lo Mnyango ngokuthi abasebenzi basebenza ngaphandle kwezinto ezizobavik­ela, ikakhulu labo abasebenza emakhazeni.

Uthe kumele kuxazululw­e izinkinga wathi izinyunyan­a ezingaphan­si kweCosatu iNehawu, Denosa nePawusa sezikhalil­e ngezinking­a ezikhona eMnyangwen­i.

“Ungqongqos­he kumele axazulule izinkinga ezikhona kulo Mnyango. Siwufunile umhlangano naye kodwa kunokubamb­ezeleka okukhona. Akuxazulul­we izinkinga ezikhona angajahi ukuyohlinz­a isiguli esisodwa engabe ulungisa izinkinga ezibhekene nabasemakh­azeni,” kusho uMdlalose.

Uthe lezi zinyunyana ezintathu kukhona ezikuhlela­yo okuzobheki­swa eMnyangwen­i wezeMpilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa