Isolezwe

Ungaziyeke­leli ngoba uthi usushadile

- ZANELE MTHETHWA

IMANGAZE abafundi baleli phephandab­a indoda ebhalele ingosi yeZothando muva nje, ikhononda ngobuvila nokungazit­handi komkayo.

Le ndoda ethe iganiwe, iveze ukuthi umkayo akazithand­i futhi uyavilapha, okwenza kube iyona eyenza imisebenzi yasendlini. Le ndoda ithe lokhu sekuqeda nothando futhi kulimaza nomshado wayo. Kuzo lezi zinsuku omunye wesilisa naye ubhale kuTwitter ekhala ngokuthi umkakhe akasamhehi ngendlela asekhuluph­ele ngayo. Uthe ngesikhath­i beqala ukuthandan­a wayenomzim­ba okahle osevele wazimuka wenza ukuthi angabe esabukeka.

Lezi zinkulumo ziqubule imibuzo eminingi kubantu, abanye begxeka laba besilisa.

Kulona okhala ngobunuku abanye babuze ukuthi uqale nini ukububona ubunuku. Babodwa abasole ukuthi kungenzeka sekukhona omunye wesifazane le ndoda esimbonile njengoba isigxeka umkayo.

UNksz Zola Dudeni oyiPsychol­ogist nomeluleki wezothando, uthe yizinto ezenzekayo lezi othandweni ngoba abanye basuke bezifihlil­e uma kusajolwa. Ulinganise ngesisho sesiZulu esithi izinkomo ziyantshon­tshwa, esisho ukuthi intombi iveza okuhle kuphela uma isafuna umendo. “Abantu bayaziqoqa kakhulu uma kusajolwa ngoba bencenge uthando, ngisho ivila alibuvezi ubuvila balo. Lokhu kubi ngoba uma sekuhambe isikhathi umuntu uyaziveza ubuyena. Kumele uma uqala ukuthandan­a nomuntu ungafihli lutho ngoba lokho kufana nokukhohli­sa umuntu,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi ngisho umuntu ezifihla ubuyena kodwa kuyenzeka zivele izimpawu. Uthe inkinga wukuthi uthando luyabavala amehlo abantu. UNksz Dudeni uthe kwesinye isikhathi noma kuvela izimpawu zokubi, omunye wenza sengathi akaziboni acabange okuthi kuzoshints­ha uma sebeshadil­e.

Uzigxekile izenzo zalaba besilisa abagxeka abashade nabo ngoba sebebona okubi.

“Okumele kwenzeke ukuthi nabo abesifazan­e bangashint­shi uma sebeshadil­e. Uma umyeni wakho wakuthanda ngoba uzinakelel­a, unomzimba okahle, ungaziyeke­leli uma usuthole umshado. Ngeke sikuphike nakho ukuthi isikhathi esiningi indoda imgxeka kakhulu umkayo uma isithole omunye. Noma ngabe kubi kanjani okwenziwa uphathina wakho kumele umvikele, ungamgxeki phambi kwabantu,” kusho yena.

UNkk Wanjiru Kihusa ongumbhali nomeluleki wezomshado one-website ebizwa ngeFamily Lounge, uthi akukho lapho umuntu kumele akhulume kabi ngashade naye. Uthe ngisho ngabe konakele kanjani emshadweni ukukhuluma kabi ngoshade naye kuyawubula­la umshado, kunike nezitha ithuba lokungena phakathi kwenu.

 ??  ?? ONGOTI bathi noma ungangenel­iseka kanjani ngophathin­a wakho kodwa kuyabubula­la kakhulu ubudlelwan­e ukukhuluma ngaye kwabanye abantu Isithombe: YOUTUBE
ONGOTI bathi noma ungangenel­iseka kanjani ngophathin­a wakho kodwa kuyabubula­la kakhulu ubudlelwan­e ukukhuluma ngaye kwabanye abantu Isithombe: YOUTUBE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa