Isolezwe

Abakuleli ababonele kwabafunde eCuba bahambele iziguli

-

SESIYAVUNA impela isizwe ngembewu esiyitshal­elwe nguMnyango wezeMpilo ngokuthume­la intsha yakuleli ukuyofunde­la ubudokotel­a ezweni iCuba.

Isenzo sakamuva selinye iqembu lodokotela eliqeqeshe­lwe ukwenza lo msebenzi eCuba, sikuvezile ukuthi kungani lolu hlelo lubaluleki­le.

Labo dokotela bahambele izindawo ezehlukene ezisemakha­ya KwaZulu-Natal zingena umuzi nomuzi zihlola abantu abagulela emakhaya.

Uhlelo lokufundel­a ubudokotel­a eCuba lugquguzel­a ukuthi odokotela bahambele iziguli emakhaya futhi bazane babe nobudlelwa­ne neziguli.

Kule nkinga izibhedlel­a zikahulume­ni ezibhekene nayo yomthamo ophezulu weziguli, kumele kushayelwe ihlombe okwenziwe yilabo dokotela ngoba kabalekele­li ekwehlisen­i lo mthamo kuphela kepha basiza nalabo osekunzima ngisho nokuya esibhedlel­a.

Maphakathi nonyaka kuke kwaba nemibiko iqembu eliphikisa­yo likhala ngokuthi lolu hlelo olwaqala ngo-1996, ludla uhulumeni izigidigid­i zemali ngakho kumele lumiswe ebese kuthuthuki­swa izikhungo zakuleli eziqeqesha odokotela.

Lesi sikhalo sasibhebhe­zelwa nayimibiko yokuthi abathunyel­we ukuyofunde­la ubudokotel­a eCuba bafika khona bagxile kwezinye izinto.

Kwakubikwa ukuthi abanye bagxile otshwaleni kanti abanye bagxila ekushumaye­zeni abantu emigwaqwen­i yaseCuba, bakhohlwe abakuzele.

Odokotela abahambele KwaXimba ngeledlule behlola iziguli imizi ngemizi basivezele esinye isithombe ngohlelo lwaseCuba.

Kungenzeka ukuthi inkulu imali ekhishwa nguhulumen­i ukuyofunde­la ubudokotel­a eCuba kepha imiphumela yalolu hlelo siyayibona.

Lokhu kusho ukuthi izikhungo eziqeqesha odokotela zakuleli kumele nazo ziqinise ohlelweni lokusebenz­ela umphakathi njengoba kwenza uhlelo lwaseCuba.

Laba asebeqalil­e ukuhambela iziguli emizini nasemakhay­a azo, sengathi bangaqhube­ka nalo msebenzi omuhle babe yisibonelo esihle nakwabanye odokotela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa