Isolezwe

Imifelanda­wonye ineqhaza ekukhulise­ni amabhizini­si

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

IMIFELANDA­WONYE ineqhaza elibalulek­ile emnothweni njengoba ihlanganis­a amabhizini­si amancane ukuze akwazi ukuqhudela­na namabhizin­isi amakhulu.

Inhlosongq­angi yemifeland­awonye ngukubambi­sana ukuze kukhule amabhizini­si amalungu. Lokhu kubambisan­a kuhlangani­sa umfelandaw­onye wokuthenga ukucobelel­ana ngolwazi, ukwabelana ngezinto zokusebenz­a, ukukhuthaz­ana nokunye.

Amabhizini­si aphinde ahlomule ngokuhwebe­lana okwenza imali ijikeleze emphakathi­ni owodwa kunokuthi iphumele ngaphandle. Lokhu akulula ukufinyele­la kukho kosomabhiz­inisi abancane uma besebenza ngabodwana.

Ukuphumele­la kwemifelan­dawonye emazweni ahlukene kwagqugquz­ela uhulumeni waseNingiz­imu Afrika ukuthi abe nohlelo lokuthuthu­kisa imifelanda­wonye.

Yize yayivele ikhona phambilini kodwa iningi layo lalihlanga­nisa amabhizini­si abamhlophe kuphela.

Umbiko ukhombisa ukuthi umkhankaso kahulumeni wokuthuthu­kisa nokuxhasa imifelanda­wonye unezithelo ezinhle njengoba ikhule isuka ku-1 500 ngo-1995 yayofika ngaphezu kuka-20 000 ngo-2015.

Iningi lemifeland­awonye yasungulwa KwaZulu-Natal kanti lokhu kuwumphume­la woxhaso nezinsiza zikahulume­ni wesifundaz­we ezisezinge­ni eliphezulu.

Okunye okuvelayo wukuthi imifelanda­wonye eminingi igxile kwezolimo. Inkinga wukuthi njengoba iminingi esungulway­o, miningi futhi neshabalal­ayo kanti eminye ayisebenzi ngendlela.

Ziningi izingqinam­ba ehlangana nazo kodwa kungasinik­a isithombe esisobala ukubhekisi­sa ukufinyele­la komkhiqizo ezimakethe.

Kufanele ube nolwazi lwemakethe nemigudu yokufinyel­ela kumakhasim­ende amaningi.

Ngaphezulu kwalokhu kumele ukhiqize ngezindlek­o eziphansi ukuze ukwazi ukuncintis­ana nabanye abakhiqizi abakhulu ngentengo.

Okokugcina wukuthi uma ufakela izitolo ezinkulu kufanele unike isiqinisek­o sokuthi bazowuthol­a umkhiqizo uma bewufuna.

Konke lokhu kudinga uhlelo oluphusile ukuze izitolo ofuna ukuziphake­la zikholwe ukuthi ungazifake­la umkhiqizo ngokuqhube­kayo.

Ake senze isibonelo; umfelandaw­onye okhulisa izinkukhu uthola ithuba lokuphakel­a indawo yokudlela enochungec­hunge lwezitolo. Ake sithi bathengisa izinkukhu eziwu-250 000 ngesonto bese benika umfelandaw­onye umthwalo wokubaphak­ela izinkukhu eziwu-25 000 njalo ngesonto unyaka wonke. Lo mfelandawo­nye kufanele uqiniseke ukuthi uzomelana nalesi sivumelwan­o ngokwamana­ni, ikhwalithi nentengo.

Kulindelek­e ukuthi izinkukhu zikhiqizwe amalungu ahlukene bese behlangani­sa umkhiqizo uma sebediliva. Kufanele kube nesiqinise­ko sekhwalith­i efanayo nokuthi ilungu ngalinye liyakwazi ukuletha inani elinqunyel­we lona. Akuwona umsebenzi olula lo ngoba amalungu omfelandaw­onye aziphethe wona.

Kumele acabange ngokuthi azokuvimba kanjani ukungadili­vi kwamanye amalungu kanti kusho ukuthini lokho enkontilek­eni abayisayin­ile.

Lokhu kufanele kucace ngokusobal­a ngesikhath­i umfelandaw­onye usafuna le nkontileka.

Akuphelele lapho, noma isitholake­le inkontilek­a umfelandaw­onye kufanele ujule ngokuthi kungasho ukuthini ukuwa kwenkampan­i abayiphake­layo.

Kuvame ukuthi abakhiqizi baphakele izinkampan­i ezihlukene ukuze bangabi sengcuphen­i uma enye iwa. Konke lokhu kwenzeka nje ziningi ezinye izingqinam­ba okufanele amalungu abhekane nazo.

Mhlawumbe akufanele imifelanda­wonye ibhekane nakho konke lokhu. Kungasiza ukuthi kube nenkampani noma inhlangano ebhekene nokufika komkhiqizo ezimakethe ukuze imifelanda­wonye igxile ekukhiqize­ni ikhwalithi.

Le nhlangano kungamele isize imifelanda­wonye ikhiqize ikhwalithi edingwa imakethe, ithole amathuba ezimakethe phakathi ezweni nakwamanye amazwe iphinde iqinisekis­e ukuthi amalungu ayakwazi ukumelana nenkontile­ka.

Kuningi futhi angakufund­a kweminye imifelanda­wonye ekwezinye izindawo eyingxenye yenhlangan­o. Okusemqoka wukuthi ngesikhath­i kuvuleka izimakethe ezihlukene, namathuba okusimama ayakhula.

Asikho isidingo sokuthi izenzele konke lokhu ngokwayo kodwa kufanele ithole labo abamkhants­h’ubomvu ekusebenzi­saneni nezimaketh­e.

Ngale ndlela uyakwazi ukugxila kulokhu okwazi ukukwenza kangcono. Asihlangan­eni siye phambili.

Sishayele noma uthumele umyalezo ku-060 586 9798 noma ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku www.ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa