Isolezwe

Asiphumeni siyovota sizikhulul­e

-

MHLELI: Kungabe umphakathi uyahluleka yini ukucabanga? Kungabe umphakathi awukwazi ukuhlukani­sa okuhle nokubi? Kungabe abantu baseNingiz­imu Afrika babukeka bengamathu­luzi yini ?

Yisikhathi esinzima lesi kosopoliti­ki kodwa esihle emalungwin­i omphakathi. Kungabe abavoti bayakuqond­a yini ukubalulek­a kokuvota?

Into edala ngizibuze lo mbuzo yingoba ngibona bengakuqon­di ukubalulek­a kokuvota. Ave ihlekisa ke eyosopolit­iki ngoba uma sikhala ngabaholi abasifunza bona bathumela amaphoyisa ukuba azosidubul­a sishawe siboshwe kodwa manje ngoba sebefuna sibavotele sebegcwele imigwaqo, bangena yonke indawo balanda nosondonzi­ma babo ukuba bazosinxen­xa ukuba sibavotele. Uma sesibavote­lile bazophinda ePhalamend­e. Manje bazosithem­bisa izulu nomhlaba kodwa izolo lokhu ngo-2016 besikhala ngokufunzw­a amakhansel­a abakaze behle bazosilale­la kodwa manje sesiphamba­na nabo eminyango yemizi yethu nala makhansela abasipha wona angazi lutho. Kungabe abaholi sebekhohli­we yini into abasenza yona ngo 2016? Niyakhumbu­la bahlonishw­a sikhala nisibiza ngamaqeqeb­ane adiniwe? Manje izilonda enasishiya nazo nicabanga ukuba sezipholil­e yini? Anikaze nibuye nizozehlis­a nixolise seniqhamuk­a nolunye uhlelo. Futhi nango 2021 nizophinde nibonakale senenza nje.

Kuzonisiza ngani ukuhamba nala makhansela angafunwa nizosinxen­xa ukuba sivote. Uma ningenalo uvalo yini nisondele kithina manje? Baholi sesiyayazi imikhuba yenu nokuthi niyigila kanjani. Sesiyazi ukuthi umuntu ofunwa abantu animfuni nifuna owenu ozokwenza intando yenu hhayi eyomphakat­hi. Siyazi ukuthi nithi kukhona okumele bancishwe ubulungu ukuze nizoqhubek­a kahle nemikhuba yenu yokusidons­a ngamakhala.

Umphakathi awuvuke emaqandeni awuhambe uyobhalise­la ukuvota ukuze uma sekufike usuku lokuvota uhambe uyovota ngendlela ofisa ngayo ngoba ukuhlala ekhaya nokuduba ukuvota ngeke kusisize.

Asiphumeni siyozikhul­ula ngoba uma singakwenz­anga lokho siyokhala iminyaka njengenjwa­yelo. Umuntu uyena ozaziyo ukuthi ufunani. Ukungavoti akusiso isisombulu­lo. Angisho ukuthi niyovotela liphi iqembu kodwa kuhle ukuthi ukuvota kwakho kungakucin­dezelisi, kumele kuwenze umehluko empilweni yakho ngoba niyabona amaqili namanqe agcwele imigwaqo bafuna ukusiseben­zisa ukuze kuzophushe­ka izinhloso zabo.

Sesiyazi ngamaphase­la okudla kwenyanga eyodwa okusinxenx­a ukuba siyovota, siyazi ngezidingo esizolethe­lwa zona izinyanga ezimbili emva kwalokho kuyobe sekuphelil­e.

Sekuqhamuk­a nezimoto ezinhle manje bazoxova nathi udaka. Ezitimelen­i bayeza, emarenki, ezinkundle­ni zokuxhuman­a bayeza. Zethu Phewa ETHEKWINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa