Ungaziyekeleli ngoba uthi usushadile
IMANGAZE abafundi baleli phephandaba indoda ebhalele ingosi yeZothando muva nje, ikhononda ngobuvila nokungazithandi komkayo.
Le ndoda ethe iganiwe, iveze ukuthi umkayo akazithandi futhi uyavilapha, okwenza kube iyona eyenza imisebenzi yasendlini. Le ndoda ithe lokhu sekuqeda nothando futhi kulimaza nomshado wayo. Kuzo lezi zinsuku omunye wesilisa naye ubhale kuTwitter ekhala ngokuthi umkakhe akasamhehi ngendlela asekhuluphele ngayo. Uthe ngesikhathi beqala ukuthandana wayenomzimba okahle osevele wazimuka wenza ukuthi angabe esabukeka.
Lezi zinkulumo ziqubule imibuzo eminingi kubantu, abanye begxeka laba besilisa.
Kulona okhala ngobunuku abanye babuze ukuthi uqale nini ukububona ubunuku. Babodwa abasole ukuthi kungenzeka sekukhona omunye wesifazane le ndoda esimbonile njengoba isigxeka umkayo.
UNksz Zola Dudeni oyiPsychologist nomeluleki wezothando, uthe yizinto ezenzekayo lezi othandweni ngoba abanye basuke bezifihlile uma kusajolwa. Ulinganise ngesisho sesiZulu esithi izinkomo ziyantshontshwa, esisho ukuthi intombi iveza okuhle kuphela uma isafuna umendo.
“Abantu bayaziqoqa kakhulu uma kusajolwa ngoba bencenge uthando, ngisho ivila alibuvezi ubuvila balo. Lokhu kubi ngoba uma sekuhambe isikhathi umuntu uyaziveza ubuyena. Kumele uma uqala ukuthandana nomuntu ungafihli lutho ngoba lokho kufana nokukhohlisa umuntu,” kusho yena.
Ugcizelele ukuthi ngisho umuntu ezifihla ubuyena kodwa kuyenzeka zivele izimpawu. Uthe inkinga wukuthi uthando luyabavala amehlo abantu. UNksz Dudeni uthe kwesinye isikhathi noma kuvela izimpawu zokubi, omunye wenza sengathi akaziboni acabange okuthi kuzoshintsha uma sebeshadile.
Uzigxekile izenzo zalaba besilisa abagxeka abashade nabo ngoba sebebona okubi.
“Okumele kwenzeke ukuthi nabo abesifazane bangashintshi uma sebeshadile. Uma umyeni wakho wakuthanda ngoba uzinakelela, unomzimba okahle, ungaziyekeleli uma usuthole umshado. Ngeke sikuphike nakho ukuthi isikhathi esiningi indoda imgxeka kakhulu umkayo uma isithole omunye. Noma ngabe kubi kanjani okwenziwa uphathina wakho kumele umvikele, ungamgxeki phambi kwabantu,” kusho yena.
UNkk Wanjiru Kihusa ongumbhali nomeluleki wezomshado one-website ebizwa ngeFamily Lounge, uthi akukho lapho umuntu kumele akhulume kabi ngashade naye. Uthe ngisho ngabe konakele kanjani emshadweni ukukhuluma kabi ngoshade naye kuyawubulala umshado, kunike nezitha ithuba lokungena phakathi kwenu.