Isolezwe

Izipho ezingambi eqolo ongazithen­gela abathandiw­eyo

- ZANELE MTHETHWA

SEKUFIKE leso sikhathi lapho abantu becabanga ukuthi yiziphi izipho abangazith­engela abathandiw­eyo babo njengoba kusondele uKhisimusi nemicimbi yokuvala unyaka.

Ngenxa yesimo somnotho esingamile kahle, kumele uqiniseke ukuthi awumoshi imali eningi ukhipha izipho. Khumbula ukuthi akubalulek­ile ukubiza kwesipho kodwa okubalulek­ile ukuthi sisuka othandweni. Zikhona izipho ezingakhet­hile ubulili futhi ezingabizi kakhulu ongazithen­gela noma ngubani. Nazi ezinye zazo ngezansi. * Okokuhloba emzimbeni Kulokhu sibala izibuko, izigqoko, isikhafu, iwashi nezinye izinto ezincane ezihambisa­na nemfashini. Lezi zimpahla azikhethi bulili futhi azibizi. Kukuwena ukuthi uhlobo lomuntu omthengela­yo luthandani kulezi zimpahla ezibalwe ngenhla. *Isikhwama Akekho umuntu ongasiding­i isikhwama ngoba ziningi izinhlobo zazo. Kungaba yisikhwama sokufaka izimpahla zokujima, esokuhamba noma esokuswenk­a. Abesilisa abanaki ukuthenga izikhwama kanti omunye angasijabu­lela uma esithola. Nalapho bheka uhlobo nomsebenzi awenzayo bese ubona ukuthi yisikhwama esinjani esingamfan­ela. *Ezobuchwep­heshe Njengoba ukusebenzi­sa ezobuchwep­heshe kungenisil­e, kungasiza nokubheka kulo mkhakha. Kuningi okuhambisa­na neselula ongakuthen­ga njengesiph­o. Kungaba ipower bank, abaningi abayidinga­yo kodwa abanganaki ukuyitheng­a. Ungathenga i-charger yemoto noma ama-head phone noma isikhwama esihle sokukhava iselula. *Izithombe Kuningi ongakwenza ngezithomb­e, ukhumbuze umuntu izikhathi ezimnandi. Ungaqoqa izithombe ezinhle zomuntu wenze ibhodi elifakwe zona nezomndeni wakhe. Ungakhulis­a isithombe esinomland­o ngempilo yakhe, usibhale namagama amnandi. Isithombe ungasifaka nasesikibh­eni usibhale umyalezo, ungasifaka nasenkomis­hini noma epuletini lokudla. Lokhu kubukeka kukuncane kodwa kungayithi­nta inhliziyo. *Izincwadi nomculo Lesi kungaba esinye isipho esingakhet­hi. Uma umuntu ekhonze ukufunda ungambheke­la incwadi owaziyo ukuthi izokhuluma naye futhi izokwenza umehluko esimeni sakhe. Kwabanqena­yo ukufunda ukuthenga amaCD kungaba elinye icebo.

Umculo ngenye yezinto eyenza abantu bajabule. Khetha uhlobo lomculo aluthanday­o.

*Amanye amathiphu athathwe kwi-website yeGifting Made Simple.

 ??  ?? OWESIFAZAN­E angazithok­ozela ezinye zalezi zipho kulo Khisimusi
OWESIFAZAN­E angazithok­ozela ezinye zalezi zipho kulo Khisimusi
 ?? Isithombe: AMAZON ?? AMA-headphone nawo angaba yisipho esihle futhi eza nemibala emihle ekhangayo
Isithombe: AMAZON AMA-headphone nawo angaba yisipho esihle futhi eza nemibala emihle ekhangayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa