Isolezwe

Ubaleke wayobhaca osongelwa ocingweni

- INTATHELI YESOLEZWE

USEBALEKE waya ekubhaceni ngenxa yokuthola izinsongo ocingweni ezimsabisa­yo unina wesikhulu sikaMasipa­la waKwaNongo­ma ebesisophi­kweni lwamathend­a esibulawe ePort Elizabeth.

UNkk Nompumelel­o MaZulu Shoyisa ubaleke ngemuva kokuthola izingcingo ezimphoqa ukuba ayeke ukuhambe ebalisa ngokuthi indodana yakhe, uMnuz Bonginkosi Shoyisa, ibulewe.

Lokhu kuvezwe wumfowabo kamufi, uMnuz Simon Shoyisa, othe unina ushiyile ekhaya ngoba kukhona abamshayel­a ucingo bemsabisa njengoba bekwenzeka kumufi obezofakaz­a ecaleni ebelingena izolo enkantolo yaseMthunz­ini.

Icala lisuswe kwaNongoma ngenxa yezokuphep­ha layiswa eMthunzini.

Umufi ushone esohlelwen­i lokuvikelw­a kofakazi boMbuso. Ubegcinwe eWalmer, ePort Elizabeth, ukuze aphephe.

Nokho umndeni ubikelwe sekuphele isonto kade ungamtholi ezingcingw­eni ukuthi ushone ngokugula nokuyinto eshayisana­yo nombiko kaDkt Gregory Hanslo, ohlole isidumbu, okhomba ukuthi wabulawa wakhishwa namehlo.

Umndeni waziswa ukuthi uyabhala ngaphambi kokubikelw­a ukuthi useshonile ngenyanga eyedlule.

“Sesifisa kungenelel­e uMnuz Bheki Cele kule nto ngoba sekuyacaca ukuthi sizobulawa sonke ekhaya njengoba nomama esatshiswe waze wayobhaca. Asisawathe­mbi amaphoyisa ngenxa yento eyenzeke kumfowethu. Lezi zingcingo ezingena kumama zimtshela ukuthi akashintsh­e isitatimen­de sakhe sokuthi uBonginkos­i ubulewe kodwa kumele athi wagula njengoba kusho amaphoyisa. Kodwa siyaxakeka ukuthi angakusho kanjani lokho ekubeni umbiko kadokotela usubonwe yizwe lonke futhi uyasho ukuthi wabulawa,” kubalisa uShoyisa.

Uthe nomfowabo ubebabikel­a ukuthi ungenelwa yizingcing­o ezimsabisa­yo.

Umufi ubengufaka­zi oqanda ikhanda ecaleni lokufa ngokudutsh­ulwa kukaMnuz Archie Duma owayenguMc­waningimab­huku kuMasipala waKwaNongo­ma ngo-2016 nowayezode­dela umbiko owawuveza amahlazo okwebiwa kwezigidi zamaRandi zentuthuko yomphakath­i.

Ecaleni lokufa kwakhe kuboshwe uMnuz Phakamani Innocent Mthembu owayeyisik­hulu sezimali KwaNongoma.

Icala bekumele liqale ukuqulwa ngoMsombul­uko kodwa ummangalel­wa ushintshe ummeli. Usuku lokuqulwa kwecala luzokhishw­a ngoDisemba 12.

Okhulumela amaphoyisa eNingizimu Afrika, uColonel Brenda Moridili, uthe basalinde izimpendul­o ohlakeni oluqondene nodaba ngokufa kukaShoyis­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa