Isolezwe

UGrant ujabulile ngababuya kumaProtea­s

- NDUDUZO DLADLA

UHLEKA yedwa umqeqeshi weDurban Heat, uGrant Morgan, kulandela ukufika kwabadlali abahlonish­wayo kwezakhe abebeyingx­enye yeqembu lesizwe amaProteas.

IHeat ayiwuqalan­ga kahle umqhudelwa­no we-T20, iMzansi Super League (MSL). Ishaywe iCape Town Blitz ngamawikhe­thi amathathu ngeledlule.

Namhlanje ezikaMorga­n zizotholan­a phezulu neTshwane Spartans, eKingsmead Stadium ngo-2 ntambama.

UMorgan utshele izintathel­i izolo ukuthi kuyamthoko­zisa ukuthi uDavid Miller, Heinrich Klaasen noBrandon Mavuta bazoba yingxenye yeqembu elizodudul­ana neTshwane Spartans.

Laba badlali bebehambel­e e-Australia njengoba amaProteas kade evakashele khona.

“Ngijabule ngokuthi kubuya abadlali abanohlonz­e futhi abanesipil­iyoni sokudlala esigabeni esiphezulu. Angingabaz­i ukuthi bazonezeze­la kulokhu vele esesikuqal­ile. Akusavumi ngilinde umdlalo wethu neSpartans,” usho kanje uMorgan izolo. Ngokusho kukaMorgan, nakuba beshayiwe ngeledlule kodwa kuningi okuhle abakuzuzil­e ikakhuluka­zi ngaphandle kwenkundla. Uthe abadlali bakhe sebesondel­ene kakhulu ngokomoya, nathe izitha kuyofanele zibhukule ukusuka manje ngoba ezakhe ziza ngamandla.

Ukaputeni weHeat u-Albie Morkel, uveze ukuthi uliqonda kangcono iqembu iSpartans, kwazise kunomhlobo wakhe wakudala abadlale naye iminyaka u-AB De Villiers.

UDe Villiers akadinge kuchazwa kwikhiliki­thi, ikakhuluka­zi kulolu hlobo lomdlalo (T20), njengoba esezakhele ugazi kubalandel­i balo mdlalo ngokulahla ibhola ezihlwelen­i.

“Ungumdlali onohlonze futhi wonke umuntu akujabulel­ayo ukudlala naye. Ukukhombis­ile lokho emiqhudelw­aneni eminingi eseyidlali­le emhlabeni jikelele. Sineqhinga esizozama ngalo ukuvimba uDe Villiers ukuthi angenzi adume ngazo. Abanye babadlali kwiSpartan­s ngidlale nabo kakhulu kwelesizwe, ngakho ngisazoke ngibathint­e ngocingo ngizwe ukuthi imaphi amaqhinga abanawo,” kuncokola uMorkel.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa