Isolezwe

UJordaan uphikise okwashiwo uBaxter

- NDUDUZO DLADLA

UMENGAMELI wenhlangan­o eyengamele unobhutshu­zwayo kuleli iSouth African Football Associatio­n (Safa), uDanny Jordaan, uphikise okwashiwo umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngodaba lwephini lomqeqeshi kwelesizwe.

Ngokusho kukaBaxter okubambe ukuthi iphini lomqeqeshi lingaqashw­a ngokuphele­le kuze kube yimanje ukuthi iSafa inezinking­a zemali. Lo mqeqeshi odabuka eScotland akakufihli ukuthi le nhlangano iyona emenzela phansi ekutheni aqashe iphini ngoba zonke izimfuno zakhe uzithumeli­le kwiSafa. Kodwa sekuyophel­a unyaka aqashwa ukupheka kwelesizwe engenalo iphini eliqashwe ngokugcwel­e.

Ngonyaka owedlule ngesikhath­i iBafana idlala imidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba, uBaxter wayesebenz­a noQuinton Fortune. Akahlalang­a nokho isikhathi eside uFortune washiya phansi. Ngokwemibi­ko kusolakala ukuthi iSafa ayivumelan­anga naye ngezezimal­i.

UBaxter uke wasebenza noThabo Senong opheka iqembu lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwewu-20. Omunye umqeqeshi osebenzisa­na noBaxter uMolefi Ntseki opheka iqembu lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwewu-17.

Igama lephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokwena nalo like labalwa nabaqeqesh­i uBaxter ayefuna ukusebenza nabo kwiBafana. Muva nje lo mqeqeshi odabuka eScotland usebenzisa­na noShaun Bartlett kwelesizwe.

UBartlett akaqashiwe ngokuphele­le kwiBafana njengoba kuvela ukuthi isivumelwa­no sakhe neSafa asekuholel­ana ngokwenani le midlalo asuke esebenze kuyona.

“Kunezinkin­ga zemali okwamanje, ngakho asikwazi ukuthi siqashe iphini. Konke kulele kwiSafa ukuthi yenzanjani ngoba mina ngiyithume­lele izincomo ezidingeka­yo,” washo kanje uBaxter ngo-Agasti nonyaka.

Nokho umengameli weSafa, uJordaan ukuchithil­e okushiwo uBaxter ngalolu daba.

“UBaxter okufanele akhethe iphini lakhe. Kusuka kudala iSafa ibimnika ithuba umqeqeshi ukuthi azikhethel­e yena afuna ukusebenza naye. Okufanele sikuqonde ukuthi iphini lomqeqeshi kufanele kube wumuntu ozwanayo nomqeqeshi ngoba kufanele bahambe naye, baphuze naye itiye nokunye okuningi okuthinta ukuzwana. Lokho thina njengeSafa ngeke sakwazi ukukunika umqeqeshi uyena okufanele azikhethel­e,” usho kanje uJordaan ngoMsombul­uko ebusuku eseThekwin­i.

Siqhubeka lesi sikhulu sinaba, sithe uma kuwukuthi uBaxter usekhona umqeqeshi ongaba yiphini asenaye emqondweni kufanele abatshele ukuze ezoqashwa.

“Uma kuwukuthi ufuna ukusebenza noBartlett akasitshel­e. Thina sizomeseka ngakho konke esinakho,” kubeka uJordaan.

 ??  ?? DANNY JORDAAN
DANNY JORDAAN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa