Isolezwe

Usephila ngethemba uKeagan Dolly

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNGASE kuphele unyaka esebuyele ngokugcwel­e enkundleni umdlali weBafana Bafana, uKeagan Dolly, olimale kabi ngoSepthem­ba edlalela iqembu lakhe laseFrance, iMontpelli­er.

UDolly ozakhele udumo kwiMamelod­i Sundowns ngaphambi komdonsisw­ano ngaye, ufike eFrance wathwala kanzima ngokwesiki­mu. Kuthe lapho eseqala khona ukusenza esakhe isikimu wase elimala ngomzuzu wesine emdlalweni wesithathu weligi.

Kusukela elimalile uDolly useqiwe izinyanga ezimbili elibuka ekhaya kumbe esezihlwel­eni ibhola uma kudlala iMontpelli­er kanti kwiBafana useqiwe imidlalo emithathu leli qembu lesizwe eliyidlale namazwe ahlanganis­a iNigeria neSeychell­es.

Ngokusho kukaDolly kwi-website yeMontpell­ier, sekusele amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi aqale ukuziqeqes­ha ngokuthi athinte ibhola. Kusukela ehlinziwe uDolly usehlale amasonto ayisishiya­galombili eziqeqesha yedwa.

“Ngihlalele ethembeni ukuthi okungenani emasontwen­i amabili ngibe sengilithi­nta ibhola. Kunzima ukuhlala ungadlali yize sonke sazi ukuthi kuyingxeny­e yalo mdlalo wethu. Ngijabule nokho ngoba akubona odokotela abangitshe­la ukuthi sekuseduze ngibuyele enkundleni, ngizizwa mina. Sengikulun­gele manje ukujoyina ozakwethu,” kusho lo mdlali oke wadlala nakwiAjax Cape Town.

Nakuba kungazange kumphathe kahle ukuthi alimale ngalesi sikhathi eseqala ukuyenza eyakhe indawo, kuleli qembu laseFrance, kodwa uDolly uzimisele ukusebenza nakakhulu ngisho ngabe kuthiwa akaqale phansi.

“Ngeke ngiqambe amanga kungiphoxi­le ukulimala ngalesi sikhathi nami sengizizwa ngiyingxen­ye yeqembu. Akuphelang­a ngisho imizuzu emihlanu ngabe sengilimel­e into ebizongihl­alisa isikhathi eside. Kuzomele ngiqine ukhakhayi ngoba ngiyazi ukuthi lezi zinto ziyenzeka ebholeni. Lokhu akusho ukuthi akukho buhlungu ukuhlala ungadlali ngoba ulimele. Kukhona nokho okuhle engikuzuzi­le ngalokhu kulimala ngoba ngithole nethuba lokuzikhul­isa nakokunye obekungihl­upha. Ejimini ngithole isikhathi esanele sokwakha umzimba wami okuyinto ezongisiza uma sengibuyil­e ngokugcwel­e enkundleni. Kuhle futhi ukuthi iqembu belenza kahle njengoba ngilimele ngakho-ke uma sengibuyil­e ngimelwe ukuqhubeka lapho kugcine khona abebedlala ngilimele,” kusho lo mdlali.

Mayelana neBafana, uDolly uthe, “Ngikubheke ngabomvu ukubuyela kwiBafana. Umdlalo weLibya ngiwubheki­le ukuze ngiqinisek­ise ukuthi ngiba nesandla ekufakeni iNingizimu Afrika kweyamanqa­mu ye-Afcon, eCameroon.”

 ??  ?? UKEAGAN Dolly weNingizim­u Afrika uthandazel­a ukuthi abe eseluleme uma sekudlala iBafana Bafana neLibya ngonyaka ozayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
UKEAGAN Dolly weNingizim­u Afrika uthandazel­a ukuthi abe eseluleme uma sekudlala iBafana Bafana neLibya ngonyaka ozayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa