Isolezwe

IBanyana nephupho leyoMhlaba

- LUNGILE MAJOKA

AMAPHUZU amathathu emdlalweni wanamuhla kwi-Women Africa Cup of Nations (AWCON) azokwenza iBanyana Banyana ikwazi ukulala ubuthongo ngaphambi komdlalo wokugcina wamaqoqo.

Lokhu kushiwo umqeqeshi uDesiree Ellis ngaphambi kokubhekan­a ne-Equatorial Guinea ngo-8.30 ebusuku eCape Coast Stadium.

IBanyana ihleli endaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu amathathu ngemuva kokwehlula iNigeria ngo 1-0 emdlalweni wokuvula. Iqoqo liholwa yiZambia ebhudluze i-Equatorial Guinea ngo 5-0. Amaqembu amabili azoqeda ephezulu eqoqweni azodlulela kweyandule­la owamanqamu. Uma iBanyana idlula kuzosho ukusondela ephusheni lokuya okokuqala emlandweni kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo. Amazwe amathathu azoqeda phezulu yiwona azomela i-Afrika kulo mqhudelwan­o.

“Sinephupho nenjongo. Injongo yethu wukuya kwiNdebe yoMhlaba. Kuhlezi kunzima ukubhekana neqembu elibuya endukwini ngoba lizoza kithina lilwa. Kodwa-ke eqenjini sinabadlal­i abanesipil­iyoni futhi abaziyo ukuthi leli yithuba lokugcina (kubona) ukuya kweyoMhlab­a. Kumele siwulungel­e umdlalo ngoba sizobe sidlala nabantu abayingozi. Kumele siqiniseki­se ukuthi siyawathol­a amaphuzu amathathu. Angifuni kufike umdlalo wokugcina simincile. Kusemqoka ukuthi konke sikubeke ezandleni zethu,” kusho u-Ellis.

Emdlalweni wokugcina wamaqoqo iBanyana izotholana neZambia ngoMgqibel­o. I-Equatorial Guinea yahlula elakuleli kabili emqhudelwa­neni wango-2012, okuhlangan­isa nomdlalo wamanqamu. Ingene ngemizuzu yokugcina kwi-AWCON yalo nyaka ithatha indawo yeKenya. Ibuyiselwe isigungu sokubuyeke­zwa kwezinqumo seCaf ngemuva kokuthi kade itholwe inecala lokudlalis­a umdlali ongafanele u-Annette Jacky Messomo. Uma kwenzeka i-Equatorial Guinea igcina ibalwa emaqenjini amathathu okumele aye eFrance ngonyaka ozayo ngeke ikwazi njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, iyidingisi­le nyakenye ukudlala kweyoMhlab­a ngenxa yokubophel­a abadlali okwatholak­ala ukuthi bakokotele ubuzwe ngesikhath­i kuhlungelw­a ama-Olympic ango2016 eBrazil. Leli lizwe lidingisiw­e nasekudlal­weni kuma-Olympic ango-2020 eTokyo.

 ??  ?? DESIREE ELLIS
DESIREE ELLIS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa