UJordaan uphikise okwashiwo uBaxter
UMENGAMELI wenhlangano eyengamele unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, uphikise okwashiwo umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngodaba lwephini lomqeqeshi kwelesizwe.
Ngokusho kukaBaxter okubambe ukuthi iphini lomqeqeshi lingaqashwa ngokuphelele kuze kube yimanje ukuthi iSafa inezinkinga zemali. Lo mqeqeshi odabuka eScotland akakufihli ukuthi le nhlangano iyona emenzela phansi ekutheni aqashe iphini ngoba zonke izimfuno zakhe uzithumelile kwiSafa. Kodwa sekuyophela unyaka aqashwa ukupheka kwelesizwe engenalo iphini eliqashwe ngokugcwele.
Ngonyaka owedlule ngesikhathi iBafana idlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, uBaxter wayesebenza noQuinton Fortune. Akahlalanga nokho isikhathi eside uFortune washiya phansi. Ngokwemibiko kusolakala ukuthi iSafa ayivumelananga naye ngezezimali.
UBaxter uke wasebenza noThabo Senong opheka iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwewu-20. Omunye umqeqeshi osebenzisana noBaxter uMolefi Ntseki opheka iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwewu-17.
Igama lephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uRulani Mokwena nalo like labalwa nabaqeqeshi uBaxter ayefuna ukusebenza nabo kwiBafana. Muva nje lo mqeqeshi odabuka eScotland usebenzisana noShaun Bartlett kwelesizwe.
UBartlett akaqashiwe ngokuphelele kwiBafana njengoba kuvela ukuthi isivumelwano sakhe neSafa asekuholelana ngokwenani le midlalo asuke esebenze kuyona.
“Kunezinkinga zemali okwamanje, ngakho asikwazi ukuthi siqashe iphini. Konke kulele kwiSafa ukuthi yenzanjani ngoba mina ngiyithumelele izincomo ezidingekayo,” washo kanje uBaxter ngo-Agasti nonyaka.
Nokho umengameli weSafa, uJordaan ukuchithile okushiwo uBaxter ngalolu daba.
“UBaxter okufanele akhethe iphini lakhe. Kusuka kudala iSafa ibimnika ithuba umqeqeshi ukuthi azikhethele yena afuna ukusebenza naye. Okufanele sikuqonde ukuthi iphini lomqeqeshi kufanele kube wumuntu ozwanayo nomqeqeshi ngoba kufanele bahambe naye, baphuze naye itiye nokunye okuningi okuthinta ukuzwana. Lokho thina njengeSafa ngeke sakwazi ukukunika umqeqeshi uyena okufanele azikhethele,” usho kanje uJordaan ngoMsombuluko ebusuku eseThekwini.
Siqhubeka lesi sikhulu sinaba, sithe uma kuwukuthi uBaxter usekhona umqeqeshi ongaba yiphini asenaye emqondweni kufanele abatshele ukuze ezoqashwa.
“Uma kuwukuthi ufuna ukusebenza noBartlett akasitshele. Thina sizomeseka ngakho konke esinakho,” kubeka uJordaan.