Isolezwe

Inkakha ithipha iBucs koweTelkom

- LUNGILE MAJOKA

USIYABONGA “NSIMBI” Sangweni usawukhumb­ula umdlalo owandulela owamanqamu weTelkom Knockout lapho i-Orlando Pirates yahlulwa iKaizer Chiefs ngo 6-5 kumaphenat­hi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0.

Lo mdlalo owawuseFNB Stadium ngo-2015 yiwona iChiefs eyagcina ngawo ukwehlula iPirates kuyona yonke imiqhudelw­ano. UNsimbi nguyena owaba neshwa lokuthi iphenathi yakhe ingangeni kwaba wukuwasha kwabo ijezi.

Kwenzeka lokhu nje iPirates yayigcine ngo-2014 ukunqoba isicoco idla iNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium. Kuze kube yimanje eZimnyama zisalwela ukuqeda le ndlala yezinkomis­hi esiqhube iminyaka emine.

“Umdlalo wabakhaya (baseSoweto) uhluke kakhulu kuneminye. Ngokwami kuleli usuke ungakalidl­ali ibhola uma ungazange uwudlale njengoba usuke ubukwa yizwe lonke. Nami ngangizits­hela ukuthi ngizoyibek­a enethini kodwa ezinye izinto azenzeki ngendlela osuke uhlele ngayo. Kodwa ke ngakwazi ukuvuka ngibuye ngime,” kusho Sangweni.

NgoMgqibel­o iPirates izobe iyizivakas­hi eMabhida eThekwini emdlalweni wabakhaya baseSoweto owandulela owamanqamu weTelkom ozoqala ngo-3 ntambama. IBucs ayikaze iyishaye iChiefs uma behlangene kwiTelkom.

USangweni, othe uzobe ewuthamele nezihlwele lo mdlalo, uthipha eZimnyama ukuthi yizona ezidlulayo.

“IPirates kufanele iwine. Ngiyabethe­mba abadlali abakhona. Ngokubona kwami inkinga iba sesiwomben­i sesibili, okusho ukuthi kumele bagxile kakhulu lapho emdlalweni ukuze bangangene­lwa amagoli. Uma kuyiwa phambili bahle kakhulu. Angifuni sijabulele ukuthi iqembu lidlala ibhola elihle. Ngifuna sijabulele ukuthi sidlala ibhola elihle futhi siyawina,” kusho uNsimbi onqobe iTelkom Knockout neZimnyama ngo-2011.

Esikwatini esikhona njengamanj­e bambalwa abadlali abebeyibam­be noSangweni iPirates igcina ukuphakami­sa indebe. Phakathi kwabo ukaputeni uHappy Jele, Mpho Makola, noThabo Matlaba.

“Laba badlali yibona esithembe ukuthi bakhuthaze laba abancane ngokumele bakwenze. Abadlali abakhona manje eqenjini kumele nabo balwele ukuzakhela owabo umlando.” Ebuzwa ukuthi uyibona kanjani iChiefs, uthe, “Iyadlala yona kodwa kimina iPirates izowina.”

Yize ethe umdlalo uwubona uphela ngemizuzu ewu-90 kodwa uma uya kumaphenat­hi, “laba abaqokiwe (ukuwashaya) basuke bethenjwa futhi akekho umuntu ongayigeji ngoba afana nokugembul­a.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA Sangweni owayegijim­a kwi-Orlando PIrates ubona leli qembu lizodlula kwiKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYABONGA Sangweni owayegijim­a kwi-Orlando PIrates ubona leli qembu lizodlula kwiKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa