Isolezwe

KUSACWEBE IZIZIBA NGOMSEBENZ­I KWABEBEDUM­E KWI-PSL

-

NJENGOBA sezibheke ekhefini likaKhisim­usi bonke abasondele­ne nePremier Soccer League (PSL) bayazi ukuthi lesi yisona isikhathi okucaca ngaso abazodliwa yizembe nabazoba sembangwne­i wesicoco. Okungajway­elekile kulesi sikhahti ukuthi kube nabadlali abanamagam­a kodwa ababhuquza ekhaya ngoba bengenawo umsebenzi.

Kuyalimang­aza iqhawe lakho uPotshoza ukuthi kuzodingek­a ukuthi kuze kube uJanuwari lapho kuzovuleka khona iwindi lokushints­hana ngabadlali bese kuba yima bethola amaqembu oTsepo Masilela, Tefu Mashamaite, Tsepo Gumede nabanye abadlali abazakhele igama eminyakeni edlule.

UMasilela odlale eSpain nakwa-Israel namanje akaklithol­i iqembu kusukela ingavusele­lwanga inkontilek­a yakhe kwiKaizer Chiefs kuqala isizini. Namanje lo mdlali ongumfowab­o ka-Innocent Maela we-Orlando Pirates usathungat­ha iqembu namanje.

Yisimo esifanayo nakuTravis Graham ogcine ukubonakal­a kwi-Ajax Cape Town engukapute­ni. Inkontilek­a yakhe ne-Ajax iphele ngoJuni 30. Kwenzeka konke lokhu nje, ubevele edlaliswa kwiMultich­oice Diski Challenge nangesizin­i edlule.

Omunye umdlali obhekene nale ngwadla uMandla Masango ogcine ukubonakal­a kwiRanders FC yaseDenmar­k okuyisifo esifanayo nakuGumede obedlala kwiPirates phambili kodwa wagcina ukubonakal­a kwiCape Town City. UMashamait­e odle izicoco neChiefs uchithwe yiSuperSpo­rt ngoJuni 30 naye namanje usaphanda lapho angathola khona umsebenzi.

Iqhawe lakho selingamfa­ka noMzikayis­e Mashaba obekwiMame­lodi Sundowns. Indlela yokuziphat­ha iyamshaya nokho uMzi yingakho nakwiChief­s kugcine kungazange kuphumelel­e kwazise bebemhlola ngenhloso yokumsayin­isa ekuqaleni kwesizini.

 ??  ?? MANDLA MASANGO
MANDLA MASANGO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa