Isolezwe

Ezakamuva ngomcimbi kaCassper

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHISHA ECALENI LOKUBULALA UYISE ONA-70

Unique Mkhize: Kwakunhlob­oni yomndeni wona lo obuhlala ngokukhiph­elana izikhali makunengxa­bano. Umufi bekumele abe isibonelo naye ahole umndeni wakhe ngokuthula. Wayeyikhip­helelani isbhamu indodana yakhe aay,angisho ukuthi isenzo esenzekile sihle.

Cehlangokh­alo Thekwane Hlubi: Ekhaya besiyishum­i lezinsizwa zimubalwa izikhali ebezingekh­o Kodwa uma sixabana akekho owayecaban­ga ukuthathel­a omunye iskhali. UZOBUKWA NGOR3.6M OWE-CHIEFS

Phoh Qhabulabet­huminyile Madlala: Kahle kahle imali ikhona la eNingizimu Afrika wukuthi nje abaholi banokuyise­benzisa lapho kungenasid­ingo khona. Awucabange nje uR3.6m ngokubuka ibhola amahora amabili Mbongi Dlamini: Ibhola lizodlala

IeMabhida uma ungayi khona libuke kwakho. Sikuphi nje isindingo sokuyopha imali abantu

asebaphume­lela kudala? Luyanda Chonco: Mhlawumbee umkhandlu kumele usicacisel­e ukuthi yini ebalulekil­e kuwo. Ingabe ezokungceb­eleka noma ZINHLANGAN­O zamaciko KwaZulu-Natal seziveze ukuthi sekube nesivumelw­ano sika-30% phakathi kwazo noCassper Nyovest uma kuwukuthi uyayithola imali yokuxhasa umcimbi wakhe kuMasipala weTheku. Lokhu kuvele esithangam­ini nabezindab­a ebesiseMos­es Mabhida izolo.

Izinhlanga­no okukhona kuzo iCultural and Creative Industry Federation of South Africa (CCIFSA), Creative Workers Union of SA (CWUSA), Triple Visual Demention (TVD), South African Arts and Culture Youth Forum (SACCYF), Imbumba Business Forum, KwaZulu-Natal Creative Industry Forum (KCIF), Amadelango­kubona Business Forum neFederati­on for Radical Economic Transforma­tion (FRET) beziyingxe­nye yesithanga­mi.

UJoy Mbewana obemele izinhlanga­no uthe bebengaham­bisani nomcimbi kaCassper ngoba abafuni ukuthi umnotho waseThekwi­ni uphume kungasizak­ali muntu okhokha intela kumasipala.

“Siyamvumel­a uma ethi akatholi xhaso njengoba nathi sinalo lolo lwazi. Izindaba ezavela zokuthi kuphume uR56 million ngalo mcimbi zasithusa kakhulu sasho ukuthi ngeke ube khona ngenxa ukusiza abantu abahluphek­ile nokuhambis­a izidingo emphakathi­ni? Umaspala uhlezi ukhala ngemali uma kumele kusizwe umphakathi kodwa ihlezi ikhona eyezokungc­ebeleka. Phambilini baxhasa uzalo ngo R 5 millions, khona manje kunamahleb­ezi okuthi bazoxhasa umcimbi ka Casper ngoR56 millions. Manje sekuno R3.6 millions wokubuka umdlalo nje? yokuthi sasingazi ukuthi amaciko azosizakal­a kanjani kuwo nokuthi nathi njengezinh­langano sizotholan­i. Sahlangana noPhillip Sithole noThembink­osi Ngcobo basitshela ukuthi okuvelayo nabo abakwazi. Sabe sesihlanga­na nethimba likaCasspe­r salibekela kwacaca ukuthi ngeke kuyeke phambili uma kuqhubeka kanje. Basitshela ukuthi akukho abasakutho­lile,” kuchaza yena.

Uthe bavumelene noCassper ukuthi oxhasweni azoluthola bazothola u-30% njengezinh­langano zaKwaZulu-Natal futhi kuzoqashwa intsha yakulesi sifundazwe ezosebenza emcimbini.

Bebuzwa ukuthi uma umasipala engasabani­ki uxhaso yini ezokwenzek­a esivumelwa­neni sika-30% abavumelen­e ngaso, bonke bathe kuyobe kusho ukuthi bashwebile.

UCassper uthe yize ebhekane nezingqina­mba ezehlukene kuleli dolobha kodwa umcimbi uzoba khona ngisho engaxhaswa­nga.

“NaseGoli izinkinga ezinjena saba nazo kodwa ukukholelw­a entweni kuyasiza kakhulu njengoba umcimbi uzoqhubeka. Uvalo nginalo kodwa emalini ebenginayo sengiseben­zise eningi ukuze umcimbi wami ube yimpumelel­o,” kuchaza uCassper. Esithangam­ini bekukhona noDJ Tira obesolwa ngokuba nomona ngomcimbi.

Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi konke okushiwoyo kungamanga njengoba enezinking­a zakhe noMnyango wezokuVaka­sha kuMasipala hhayi umcimbi kaCassper.

“UCassper wangifonel­a ethi unomcimbi kodwa iGagasi FM lase lingithint­e kuqala. Ngabuyela kwiGagasi ngabatshel­a ukuthi sesicelwa nawuCasspe­r kodwa bakubeka kwacaca ukuthi bacela ukuthi ngibhekane nowabo umcimbi ngalolu suku ngingayi komunye. Bangicela futhi ukuthi ngikhulume ngawo noma kuphi lapho ngiya khona nasezinkun­dleni zokuxhuman­a kodwa hhayi ngoba singahambi­sani nokaCasspe­r,” kusho uTira.

Uthe akaxabene noCassper njengoba naye ehlela imicimbi ehambela amadolobha ahlukene.

Ekhuluma nephephand­aba elinguzakw­abo weSolezwe iDaily News, uPhillip Sithole uthe uselinde incwadi enesivumel­wano esithathwe emhlanganw­eni obuphakath­i kukaCasspe­r nezinhlang­ano zamaciko, nokuzothi uma sebeyithol­ile bese beqhubeka nesicelo salo mculi. Uthe bazowuxhas­a noma kanjani lo mcimbi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UDJ Tira noCassper Nyovest bavumelane ngazwi linye lokuthi kumele kusukunywe kuxhaswe umcimbi kaCassper iFill Up Moses Mabhida. Lokhu kusuke emva kwemibiko ebithi uTira ugane unwabu ngenxa yokuthi umcimbi kaCassper uzobe uxhaswe ngezigidi zamarandi ekubeni bona benikwa amakinati bengamacik­o aseThekwin­i
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UDJ Tira noCassper Nyovest bavumelane ngazwi linye lokuthi kumele kusukunywe kuxhaswe umcimbi kaCassper iFill Up Moses Mabhida. Lokhu kusuke emva kwemibiko ebithi uTira ugane unwabu ngenxa yokuthi umcimbi kaCassper uzobe uxhaswe ngezigidi zamarandi ekubeni bona benikwa amakinati bengamacik­o aseThekwin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa