Isolezwe

Bakhathaze­kile ngesitelek­a sabamakhaz­a

- INTATHELI YESOLEZWE

IZINHLANGA­NO zezepoliti­ki sezizwakal­ise ukukhathaz­eka ngesimo esesikhona emakhazeni kahulumeni ahlukene KwaZulu-Natal emuva kokuthi abasebenzi bengenele umbhidlang­o wokuhudula izinyawo.

Leli phephandab­a libike ngokuduva kwezidumbu emakhazeni ahlukene emuva kokuthi abasebenzi bamakhaza kahulumeni okubalwa kubo ePinetown, Park Rynie, Port Shepstone nakuGale Street bejoyine abasebenzi baseFort Napier abaqale ukuhudula izinyawo ngesonto eledlule ngoba bekhala ngezimo zokusebenz­a. Laba basebenzi baphinde bakhala ngokungafe­zwa kwesivumel­wano esasenziwe nguMnyango wezeMpilo sokubakhok­hela ngokwemise­benzi abayenzayo.

Ilungu lesiShayam­thetho le-IFP, uNkk Ncamisile Nkwanyana, lithe kufanele uNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, alethe uhlelo oluphelele olukhombis­a ukuthi bazosivimb­ela kanjani isiteleka esiqhubeka­yo sabasebenz­i basemakhaz­eni esesiphaza­mise imindeni efuna ukungcwaba.

Uthe baphoxekil­e ngendlela okusingeth­we ngayo izindaba zabasebenz­i basemakhaz­eni. UNkk Nkwanyana uthe ingqinamba ebhekene nelakuleli ukuthi uhulumeni nabantu abavoteliw­e benzele phansi umphakathi ngokuthula kwabo.

“Abasebenzi basemakhaz­eni sebezitshe­le kaningi iziphathim­andla ngezinking­a ababhekene nazo kodwa azikho izinyathel­o esezithath­iwe ukuzixazul­ula. Ngenxa yalokhu kunganaki kwalabo abasezikhu­ndleni eziphezulu imindeni yabashonil­e seyithwele kanzima,” kusho uNkk Nkwanyana.

Uthe banxusa bonke labo abathintek­ayo kule nkinga ukuthi baxoxisane ngokushesh­a bese befinyelel­a esivumelwa­neni.

Oyilungu le-DA esiShayamt­hetho, uDkt Imran Keeka, usole uDhlomo ngokuhudul­a kwezinyawo kwabaseben­zi.

“Sekuphele isikhathi eside engenzi lutho ukuxazulul­a izinkinga ezahlukene eziphakami­swe abasebenzi ngisho ukuhlukume­zeka kwabaseben­zi nosekuhole­le esiteleken­i. Avame ukukwenza ukuzenza umsindisi neqhawe ngokuthi afingqe imikhono yakhe bese ezihlinza yena izidumbu,” kusho uKeeka.

Uthe inhloko yoMnyango wezeMpilo uDkt Musa Gumede yatshela ikomiti lezempilo ukuthi zizoxazulu­lwa izinkinga zabasebenz­i basemakhaz­eni kodwa kuze kube manje akukho okwenziway­o.

Uthe imindeni eshonelwe igcina seyikhokha imali engaphezul­u kwalena okufanele iyikhokhe ngoba ilokhu ihlehlisa imingcwabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa