Isolezwe

Kutholwe izidumbu esezonakel­e

- MLUNGISI GUMEDE

USAKHUNGAT­HEKILE umphakathi waKwaNodwe­ngu, eBhamshela, ngemuva kokutholak­ala kwezidumbu ezimbili zabesilisa sezonakele ehlathini izolo ekuseni.

Lezi zidumbu okusolakal­a ukuthi ngezikaMnu­z Mboniseni “Boni” Mgeyane noMnuz Senzo “Zehla” Mkhize zitholakal­e ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ababili, abavele bahamba bayozikhom­ba beqhutshwa ngamaphoyi­sa.

Laba basolwa kuthiwa babanjiswe ukuthi omunye wabo utholakale nesibhamu esingekho emthethwen­i.

Lezi zidumbu bezifihlwe ezindaweni ezihlukene kodwa ehlathini elilodwa njengoba esinye sitholakal­e phakathi ehlathini ngasesihos­heni kwathi esinye satholakal­a bude buduze nendlela.

Esinye salezi zidumbu kuthiwa kusona bese kusele isinqa kuphela. Abafi okuthiwa bebengaban­gani baduka ngoJulayi. Abafi kuthiwa akubona abaKwaNodw­engu kodwa abaseNgcon­gangconga.

Ngesikhath­i kufika ithimba leSolezwe kule ndawo izidumbu besezithat­hiwe ngamaphoyi­sa kodwa abantu bebesami izixongolo­lo emgwaqweni bebhunga ngale ndaba.

Ezinye izinsizwa zilanyelwe yileli phephandab­a zisemi emgwaqweni oseduze nehlathi lapho kutholakel­e khona izidumbu.

Owesilisa okhulume neSolezwe kodwa wacela ukuthi angadalulw­a uthe basashaqek­ile ngalesi sigameko.

“Sithukile ngale nto ngoba izwe lethu leli okutholake­le kulo izidumbu, manje sekungathi ithina esigangayo kanti abantu bakwezinye izindawo abagila imikhuba bese bezolahla abantu lapha,” kusho lona wesilisa.

Uthe kade bezwa ngokulahle­ka kwalaba bantu njengoba izidumbu zabo zize zatholwa izolo.

“Kuthiwa into eyejwayele­kile ukuthi kulahleke abantu eNgcongang­conga, izidumbu zabo zitholakal­e zicwiyiwe,” kuqhuba lona wesilisa. Elinye ilungu lo mphakathi waseNemben­i nalo elicele ukuthi lingadalul­wa lithe basola ukuthi zikhona ezinye izidumbu ezisazotho­lakala kuleli hlathi. “Ziningi izidumbu ezisazophu­ma njengoba amaphoyisa ethi kukhona ezingakath­olakali, sizwe amaphoyisa ethi amaselula abagilwa akhomba ukuthi aseJozini,” kusho leli lungu lo mphakathi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseNzuze nethimba lesifunda iLembe bebelandel­a umkhondo izolo noholele ekutheni kutholakal­e izidumbu ezimbili zabesilisa abebengaba­ngani KwaNodweng­u.

“Kuvulwe amacala amabili okubulala esiteshini samaphoyis­a eNdwedwe kwaboshwa abasolwa ababili iminyaka yabo ephakathi kuka-29 no-31.

“Lo msolwa oneminyaka engu31 utholwe nesibhamu inombolo yaso ebixikiziw­e, ube eseboshwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseNsuze namhlanje (izolo),” kusho uColonel Mbele.

Uthe lo msolwa uzobuyela enkantolo ngoNovemva 28 esevela nomsolwa wesibili obekwe icala lokubulala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa