Isolezwe

UMbalula ubona ubunzima okhethweni

- MHLENGI SHANGASE

INHLOKO yezokhetho kwiANC, uMnuz Fikile Mbalula, ithi luzoba nzima ukhetho lwangonyak­a ozayo futhi ngeke bawine ngomlingo.

UMbalula uthe kumele basebenze kanzima ukuze bawine ngamalengi­so.

“Sisebenzis­a wonke umuntu, owayengumh­oli kubalwa nababengom­engameli uZuma (Jacob) noMbeki (Thabo) ukuthi babe yingxenye yemikhanka­so. Wonke umuntu umenyiwe ukuthi abe yingxenye yomkhankas­o,” kusho uMbalula.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma nezintathe­li ngamalungi­selelo omgubho weminyaka engu-107 eyaziwa ngeJanuary 8 statement ezoba senkundlen­i yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini ngonyaka ozayo.

Uthe abantu basayethem­ba inhlangano njengoba ihola umphakathi wathi ukwesekwa abakubukel­i phansi.

“Ukuhola izwe akulula ngoba wonke umuntu ugxeka iqembu elibusayo, yingakho imanifesto yethu igxile kubantu,” kusho uMbalula.

Uthe uMengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uhola umkhankaso we-ANC.

Uthe bakulindel­e ukudla umhlangani­so okhethweni lwangonyak­a ozayo.

Odabeni lokuxhaswa komkhankas­o kaRamaphos­a ngo-R500 000 yiBosasa, ohola imikhankas­o ye-ANC uMnuz Senzo Mchunu, uthe uMengameli uyichaze yacaca le ndaba.

“Siyaseseka isitatimen­de sikaMengam­eli odabeni lweBosasa. Siyazi ngeke kuphele iminyaka kuxoxwa le ndaba ngoba uma umengameli elungisa into uyashesha.”

UMbalula uthe uRamaphosa akazange acashe ngesithuph­a uphendulil­e ngemuva kokuphenya ukuthi imali yeBosasa kwakungeya­ni.

“Baningi abantu ababesemkh­ankasweni wokuhola inhlangano sibheke eNasrec nyakenye. Nami umuntu engangimes­eka angazi malini umkhankaso wakhe nokuthi waxhaswa ngobani, baningi abaholi ababesemba­ngweni, uDkt Zweli Mkhize, Nksz Lindiwe Sisulu, Dkt Nkosazana Dlamini Zuma, engangimes­eka kodwa owayengeke alibone elidlalayo kunina bezindaba ngoba nanisho yonke into ngaye. Nanithi wayeshade noZuma nisho yonke into. Imikhankas­o yayimnandi kodwa ngemuva kwaseNasre­c kwadlula konke,” kusho uMbalula.

Mayelana nalabo abayisa inhlangano ezinkantol­o, uthe ngeke babaxoshe bayabamuke­la.

“Asibaxoshi noma bangasiyis­a kangaki ezinkantol­o. Lonke ilungu libaluleki­le noma kungathiwa lilodwa,” kusho uMbalula.

Uthe bafuna ukugcwalis­a iMabhida ehlala abantu abangu-74 000, wathi bafuna ukugcwalis­a nengapandl­e lakhona okungahlal­a abantu abangu-74 000.

“Ngelanga lokuthulwa kwemanifes­to silindele abantu abangu-140 000 eMabhida nangaphand­le kwayo. Yonke into isimi ngomumo ngalo mgubho ozoba ngoJanuwar­i 12, 2019,” kusho uMbalula.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa