Isolezwe

Uzinikele emaphoyise­ni ‘onqume’ ingane

- LUNGI LANGA

UZINIKELE emaphoyise­ni umlisa (28) waseMgungu­ndlovu osolwa ngokuthumb­a ingane ayinqume ikhanda emuva kokutshela unina ukuthi uyithumbe ngoba ejezisa yena ngokugxamb­ukela ezindabeni zakhe nobeyintom­bi yakhe.

Kuthiwa lo mlisa waseSwapo, eMgungundl­ovu , uzinikele emaphoyise­ni ngoLwesibi­li ntambama emuva kokuthi enyamalale no-Andile Malwande Fihla (11) ngoLwesihl­anu oludlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe emuva kokuzinike­la lo mlisa ube esekhombis­a amaphoyisa lapho okulahlwe khona isidumbu sengane.

“Umsolwa uholele amaphoyisa ehlathini elisemuva kwaseBlube­ll Drive, eNorthdale, kwatholaka­la ikhanda lifihlwe ngaphansi kwembokodo ligoqwe ngezingubo.

“Amaphoyisa aqhubeke aya kwenye indawo eyihlathi lapho bethole isidumbu somfana sesonakele. Umsolwa kulindelek­e ukuthi avele enkantolo maduze.”

Isolezwe libike ngoLwesibi­li ngezinsolo zokuthunjw­a kwale ngane umsolwa okuthiwa wayithatha iya esikoleni ngoba ethi ufuna inombolo kanina yocingo.

Unina wayo uNksz Lindiswa Khuboni wathi lo mlisa wabashayel­a ucingo wathi ingane ikuyena futhi uzoyiletha uma kungabuya umngani wakhe, uNksz Samkelisiw­e Mbeje (32) owayeyinto­mbi yakhe.

Ethintwa ngalolu daba uNksz Mbeje uthe namanje akayikholw­a into eyenziwe yilo mlisa obeyisoka lakhe ahlukane nalo ngoSepthem­ba nonyaka emuva kokuthi limtshele ukuthi likhulelis­e omunye umngani wakhe okungeyena (uNksz Khuboni). Ngokusho kwakhe, bebejwayel­ene kakhulu noNksz Khuboni ngoba ubemgadela enye ingane yakhe encane kuno-Andile. Uthe akuvumi nokuthi akhulume ngomsolwa ngenxa yesihluku asenzile. Uthe bese bethandane kusuka ngo-2013 nomsolwa kodwa abanangane.

“Ngesikhath­i sesikhulum­a naye ushilo ukuthi ufuna sihlangane adedele ingane bese ethatha mina. Ngathi ayikho inkinga. Sahamba saya lapho ayethi akuhlangan­we khona kodwa sangabe sisamfica. Ngisola ukuthi wabona amaphoyisa ngoba sasihamba nawo. Nakwezinye izinsuku wathi asihlangan­e kodwa wangabe esatholaka­la,” kusho uNksz Mbeje.

Uthe lo mlisa akazi ukuthi yini ebiyenza lo mlisa athi, uNksz Khuboni ugxambukel­a ezindabeni zakhe ngoba alukho olungako abebeluxox­a naye kanti futhi nesinqumo sokumshiya wazithathe­la yena.

Izolo, uyise omncane ka-Andile, uMnuz Nkosinathi Fihla, uthe namanje basashaqek­ile ngokwenziw­e yilo mlisa. Uthe uqale washaya unina ka-Andile wamphula ingalo njengoba namanje esafake ukhonkolo.

“Ingane uyinqume wase eyilahla ehlathini, ikhanda belikwenye indawo nomzimba ewushiye kwenye. Akayena umuntu ofanele ukuhlala nabanye abantu. Siwumndeni besifisa sengathi angangaded­elwa ngebheyili futhi athole isigwebo esinzima kodwake umthetho ubuye uhambe ngenye indlela,” kusho uFihla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa