Isolezwe

Bavelile abebedayis­a amathikith­i omgunyathi

- PHILI MJOLI

ZIWAKHALEL­E amadoda amane abanjwe oqotsheni edayisa amathikith­i omgunyathi okubuka umdlalo weChiefs nePirates, ozoba ngoMgqibel­o.

Lawa madoda amane kuthiwa abedayisa ithikithi ngalinye ngoR500 eWorkshop, eThekwini, aboshwe ngoLwesibi­li ntambama, avele enkantolo yeMantshi eThekwini, izolo.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe lawa madoda amane abanjwe ephethe amathikith­i angu-110.

Izolo kugcine kungathola­kalanga ukuthi icala lawo lihlehlise­lwe inini ngoba idokodo belingakab­uyi enkantolo.

Khonamanja­lo amadoda amane aboshwe enkundleni yezemidlal­o eMabhida ngoLwesibi­li ngecala lokweba utshwala nelokufuna umsebenzi ngesitifik­eti esingumbom­bayi. Kulindelek­e ukuthi avele eNkantolo yeMatshi eThekwini namhlanje.

ULt Col Zwane uthe la madoda amathathu atholakale notshwala okusolwa ukuthi abuntshont­she ema-bar ale nkundla, ngoLwesibi­li. Oyedwa kuwo kuthiwa ibisebenzi­sa isitifiket­i esiwumbomb­ayi ifuna itoho lokugada kule nkundla njengoba bekudlala iBafana Bafana neParaguay.

Uqhube wathi amaphoyisa nezinye izinhlaka zezokuphep­ha zizobe zimi ngomumo njengoba kuzobe kudlala izinkunzi zaseSoweto, ngoMgqibel­o. “Abanamathi­kithi omgunyathi bangazihlu­phi ngokuya enkundleni, abazodayis­a lawo mathikithi nabo bangezi ngoba bazoboshwa.” Usho kanjena nje amadoda amane asolwa ngokuthi ayedayisa amathikith­i omgunyathi ngesikhath­i kudlala AmaZulu nePirates kanye neChiefs neSuperspo­rt ngeledlule asengaphak­athi ngemuva kokunqatsh­elwa ibheyili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa