Isikhulu sicacisa ngokunqanyulwa kukagesi
ISIKHULU esibhekelele ukusebenza kwa-Eskom uMnuz Jan Oberholzer sitshele ikomidi elibhekelele imali yomphakathi ukuthi ngeke ugesi ucinywe ngokwesigaba sesishiyagalombili okusho ukuthi ngeke ucishwe ezindaweni ezingi. Umehluko esigabeni sokuqala nesesishiyagalombili wukuthi esigabebi sokuqala kucinywa indawo encane esigcemeni bese esigabeni sesishiyagalombili kucinywa indawo enkulu ngesikhathi.
Izolo, u-Oberholzer ubesePhalamende echaza ngezingqinamba ezibhekene ne-Eskom nokuthi bazilungisa kanjani.
Uthe banenkinga yokushoda kwamalahle neyeziteshi zikagesi ezindala okufanele zilungiswe.
Ukulungisa iziteshi uthe kuzothatha iminyaka emibili kodwa wathi lokhu akusho ukuthi ugesi uzocinywa njalo.
“Yebo kuyiqiniso ukuthi kube nesimemezelo sokuthi uhlelo lwethu lokucima ugesi ngeke lusagcina esigabeni sesine kodwa sesizogcina esigabeni sesishiyagalombili. Ukucinywa kukagesi ngokwesigaba sokuqala konga u-1000 mega watts okusho ukuthi kwisigaba 8 sizokonga u-8 000 mega watts,” kusho u-Oberholzer.
Uthe ngeSonto ugesi wawukhona kodwa kwadingeka ukuthi bawucime ngoba kwakufanele basebenzise ama-air conditioner ukupholisa imishini yabo.
Uthe akaboni ukuthi kuzoba nesidingo sokuthi bacime ugesi uma beqaphe isimo kahle futhi nabantu bengawusebenzisi ngokweqile.
Isikhulu esiphezulu sakwaEskom uMnuz Phakamani Hadebe sithe sisebenza kanzima ukuletha uzinzo kule nkampani futhi ngonyaka ozayo isimo sizobe sesingcono.
USihlalo wekomidi elibhekelele imali yomphakathi uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe uncome abakwa-Eskom ngokukhuluma iqiniso ngesimo senkampani wathi ufuna ukwazi ukuthi izikhulu zakudala ezaziqondiswa ubugwegwe sezenziwe njani.
UHadebe uthe sebesemaphethelweni ohlelo lokuqondiswa ubugwegwe kwabasebenzi ababethinteka emacaleni.
Uthe kuze kube manje bawu-1 049 asebeqondiswe ubugwegwe kusuka ngo-Ephreli nonyaka abawu-822 sebeyazi imiphumela yohlelo lokuqondiswa ubugwegwe.