Isolezwe

‘INingizimu Afrika kayinamali’

- BONISWA MOHALE

ININGIZIMU Afrika yagcina ukuba nemali eyanele kwisabeloz­imali sayo ngonyaka wezimali ka-2007/2008, kusukela lapho izwe bese lishodelwa yimali.

Usho kanje owayenguMd­onqisi Jikelele eMnyangwen­i wezimali, uMnuz Lungisa Fuzile, owashiya isikhundla ngo-2017.

UFuzile ubethula ubufakazi kwikhomish­ini yokulawulw­a kombuso yidlanzana ephethwe uiJaji Raymond Zondo eParktown, eGoli.

UFuzile uthe washiya ngenxa yokuthi imibono yakhe yayingasal­alelwa.

Ngaphambi kokuthi kufakaze uFuzile kuye kwafakaza uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, owayenguNg­qongqoshe weziMali ngesikhath­i uFuzile esasebenze­la uhulumeni.

UGordhan uziphikile izinsolo ze-EFF zokuthi yena nendodakaz­i yakhe banama-akhawunti ebhange laseCanada esho nokuthi indodakazi yakhe ayisebenzi­sani nohulumeni.

“Ngiyaqonda ukuthi kunabantu abangihlas­elayo kodwa ngiyacela ukuthi bayeke ukufafaza amanga ngendodaka­zi yami. Ayisebenzi­sani nohulumeni futhi akukho okubi ekwenzile. Ngiyacela abangihlas­elayo bangawuthi­nti umndeni wami,” kusho uGordhan.

Uthe akazange asule njengelung­u lePhalamen­de emuva kokuhoxisw­a esikhundle­ni sokuba wuNgqongqo­she weziMali yiloyo owayenguMe­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ngoba wayezimise­le ukusiza iNingizimu Afrika njengelung­u likahulume­ni.

“Seziqalile izinhlelo zokulungis­a isimo ezinkampan­ini zikahulume­ni ngoba baningi ababeseben­zisa umbuso ukufeza izinhloso zabo,” kusho uGordhan.

Izolo bekukhona abameli balowo owayewukho­mishana eSARS, uMnuz Tom Moyane, nabalowo owayenguMq­ondisi wokuShushi­swa koMphakath­i, u-Adv Shaun Abrahams.

Namhlanje kulindelwe ukuthi kufakaze uMnuz Dondo Mogajane onguMqondi­si Jikelele eMnyangwen­i weziMali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa