Isolezwe

Izigidi ezibuyele emuva zingaseben­zanga

- MHLENGI SHANGASE

PHEZU kokuba kuhlale kunesikhal­o ngokushoda kwemali yokwenza izinhlelo zokusiza umphakathi, uhulumeni waKwaZulu-Natal ubuyisele emuva imali eyaziwa nge-grant (okuyimali esuke isuka emnyangwen­i kazwelonke izokwenza izinhlelo ezithile) enguR53.7 million.

Neminyango ehlukene isebenzise ngaphansi kwemali ebiyabelwe yona onyakeni wezimali u-2017/2018 yanxusa ukuthi imali idluliselw­e kulo nyaka wezimali.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weziMali kulesi sifundazwe uNkk Belinda Scott ethula isabelo sezimali esibuyekez­iwe izolo esiShayamt­hetho sesifundaz­we.

Ubalule iminyango esebenzise ngaphansi kwaleyo mali eyayabelwe yona kodwa ecele ukuthi imali idluliselw­e ukuthi isebenze kulo nyaka wezimali.

“Le mali izobuyisel­wa emuva kwiNationa­l Revenue Fund ngoba ayizange isetshenzi­swe.

“Inkulu kakhulu imali ebuyiselwe emuva uma uqhathanis­a noR3.586 million obubuyisel­wa emuva eminyakeni edlule.”

Phakathi kwemali ezobuyisel­wa emuva eyeCAPS grant enguR34.3 million, iSocial Worker Employment grant enguR17 million, uR1 million weLPID grant, uR109 000 wokudla kwezingane ezikoleni noR511 000 weSocial Sector EPWP Incentive Grant.

UNkk Scott ubale noMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu okunemali enguR53.5 million ongayisebe­nzisanga onyakeni wezimali odlule ngakho ocele ukuthi imali enguR29.9 million idluliselw­e kulo nyaka.

“Le mali eyezimoto, ifenisha, amakhompyu­tha nezinye izinto okubalwa abafana bokuvimba izulu namathangi amanzi.

“Owezokuthu­tha awusebenzi­sanga uR250 million ngakho uR222 million uzodlulise­lwa kulo nyaka.

“UR172 million uzobhekela izinhlelo zesomiso bese kuthi uR50 million wakhe izinhlelo zokulwa nobugebeng­u phakathi kwalesi sifundazwe neMozambiq­ue,” kusho uNkk Scott.

UMnyango wezeNhlala­kahle usebenzise ngaphansi kwesabelo kwasala imali enguR70.1 million, uR16.4 million ozodlulela kulo nyaka ukuze wenze izinhlelo.

Uthe kwengezwe imali kwingqalas­izinda yezikole njengoba kufakwe uR150 million, owokuvusel­ela izikhungo zezempilo okufakwe uR199.5 million. Izinhlekel­ele zabelwe uR11.3 million.

Uthe kushode imali ohlelweni lwezokuthu­tha abafundi eshode ngoR125 million ngoba okwamanje bathutha abangu-55 568 nabanye abangu-2 933 baseNquthu abaphoqwa yinkantolo ukuthi bathuthwe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa