Uhulumeni usebenzise uR51b budlabha
MINYANGO kahulumeni isebenzise uR51 billion budedengu onyakeni wezimali ka-2017/18.” Usho kanje umcwaningi mabhuku jikelele uMnuz Kimi Makwetu ngesikhathi ethula umbiko wakhe wezimali.
UMakwetu uthe uR51 billion awuhlanganisi uR28.4 billion oxhashazwe eTransnet naseEskom.
“Ukumoshwa kwemali kunyuke ngo-200% uma kuqhathaniswa nokwangonyaka wezimali odlule (2016/17). Sithole ukuthi iminyango kahulumeni nezinkampani zakhe zisebenzisa imali budlabha ezimpahleni ezingenasidingo. Imali esetshenziswa ngaphandle kokulandela umthetho inyuke ngo-38% okusho ukuthi iwuR2.1 billion,” kusho uMakwetu.
Uthe uyathemba lumkhuba uzophela uma sekuphase umthetho ogunyaza ihhovisi lakhe ukuthi libophe labo abaxhaphaza imali kahulumeni.
USihlalo wekomidi elibhekelele ukusebenza kwehhovisi lomcwaningi mabhuku jikelele, uNkk Nthabiseng Khunou, uthe kufanele asheshise neziphakamiso zePublic Audit Amendment Bill.
“Kudala sasifuna bajeziswe abantu abahlulwa wukuphatha imali kuhulumeni. Sekuyisikhathi sokuthi zijeze izikhulu ezixhaphaza imali futhi ngalo mthetho omusha bonke abamosha imali bazojeziswa. Sicele uMakwetu ukuthi eze neziphakamiso,” kusho uNkk Khunou.
UMakwetu uthe bazothumela eminye imininingwane ngalo mthetho ukuze abagangayo bajeze.
Uthe bafuna kulandelwe umthetho wokusebenza ngemali, iPublic Finance management Act kungabi wukuthi abantu bazenzela umathanda.
Izikhungo ezihamba phambili ekumoshweni kwemali kubalwa uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal omoshe uR5.4 billion, uphiko lwamanzi lumoshe uR4.5 billion, iPassenger Rail Agency of South Africa yamosha uR3.939 billion.
UMnyango wezokuThutha eGauteng umoshe uR2 billion, uMnyango waManzi neNhlanzeko wamosha uR1.9 billion, owezokuHlunyeleliswa kwezimilo umoshe uR1.9 billion.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal umoshe uR1.8 billion owaseGauteng umoshe uR1.7 billion. UMakwetu uthe ukusetshenziswa budlabha kwemali kufanele kusukunyelwe.