Isolezwe

Abezinhlak­a ezehlukene kweyeTheku

- ZANELE MTHETHWA

IHLOSE ukuthi zonke izinhlaka zomphakath­i zibe neqhaza ekuthuthuk­iseni umnotho ingqungqut­hela iShape Durban eqale izolo eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre.

Lokhu kugcizelel­we uMnuz Phillip Sithole oyiPhini leMenenja ophikweni lokuThuthu­kiswa koMnotho kuMasipala weTheku othe bebodwa ngeke benze lutho ngaphandle kwezinye izinhlaka. Uthe bakhethe ukumema abavela kuzo zonke izinhlaka zomphakath­i ngoba wonke umuntu angaba neqhaza ekukhulise­ni umnotho.

“Kumele sifake wonke umuntu ezinhlelwe­ni zokwakha idolobha lethu. Kulo nyaka sizobheka imigomo ebesizibek­ele yona eminyakeni eyisihlanu edlule sibone ukuthi yikuphi esingakush­intsha kweminye iminyaka ezayo,” kuchaza yena.

Uncome umasipala ngezinhlel­o zawo zokuthuthu­kisa umnotho weTheku elinganisa ngophiko olubizwa nge-Invest Durban, olukhuthaz­a ukutshalwa kwemali. Uveze nokuthi bakukhatha­lele nokusebenz­isana nezinye izinhlaka ukukhulisa iTheku ngayo yonke indlela.

OnguMqondi­si oMkhulu ehhovisi likaMgcini­mafa, uMnuz Dondo Nogajane, uthe kumele ingayekwa indaba yokulwa nenkohlaka­lo ngoba iyona ebambezela ukukhula komnotho. Uthe leli yigciwane elihlasele ngisho amabhizini­si azimele. Uveze ukuthi emuva kokwethulw­a kwesabelo sezimali sesikhasha­na muva nje, abatshali bezimali bakwamanye amazwe bakhombise ukulahla ithemba emnothweni wakuleli. Oyisikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI) uNkk Palesa Phili, uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukudala amathuba omsebenzi ngokubambi­sana nohulumeni. Uthe baphinde bafaka iziphakami­so kuMgcinima­fa ukuqhamuka nezindlela zokulwa ngokungakh­okheleki ngesikhath­i kosomabhiz­inisi abancane athe kuyabawisa.

UMnuz Musa Makhunga onguMengam­eli weDCCI uthe sekuyisikh­athi sokuthi kushintshw­e indlela yokucabang­a ukuze kukhuliswe umnotho.

“Kumele sikhulume ngokubheka amathuba amabhizini­si kunokubhek­a awomsebenz­i. Abantu kumele baphokophe­lele ukuba nengcebo kunokuthol­a umholo ophelayo. Amathuba awadingi ngisho isitifiket­i kodwa kubhekwa ukuthi ucabanga kanjani. Lokhu kumele sikukhutha­ze ngisho entsheni ephuma emanyuvesi ukuthi ibheke amathuba,” kusho uMakhunga.

Ukhale ngokudonsa kanzima kosomabhiz­inisi abancane wathi kungasiza nokuthi kube nebhange elizoxhasa bona kuphela. Ezinye izikhulumi zayizolo kube nguNksz Mandisa Ntombela weGlobal Shapers Durban Hub, Mnuz Terry Roseberg onguSihlal­o weMultiply Group kanti uhlelo beluphethw­e uNksz Fifi Peters ongumethul­i wezinhlelo kwiCNBC Africa.

Ingqungqut­hela ezophela ngoLwesihl­anu izobheka izinhlelo nemigomo eyenziwa ngo-2013 iphinde iqhamuke nomhlahlan­dlela weminye iminyaka eyisihlanu ezayo.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? INGXENYE yezikhulum­i ezivule ingqungqut­hela iShape Durban izolo okunguNkk Palesa Phili, Nksz Fifi Peters, Mnuz Terry Rosenberg, Mnuz Phillip Sithole, Mnuz Dondo Nogajane noNksz Mandisa Ntombela
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA INGXENYE yezikhulum­i ezivule ingqungqut­hela iShape Durban izolo okunguNkk Palesa Phili, Nksz Fifi Peters, Mnuz Terry Rosenberg, Mnuz Phillip Sithole, Mnuz Dondo Nogajane noNksz Mandisa Ntombela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa