Isolezwe

Awasafunek­i amava kwabakahul­umeni

- MHLENGI SHANGASE

IDUBUKELE kwabafuna umsebenzi bengenawo amava njengoba kusuka ngonyaka ozayo ngeke esafuneka eminyangwe­ni kahulumeni ezikhaleni ezisemazin­geni aphansi.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe weziSebenz­i zikaHulume­ni nokuPhatha, uNksz Ayanda Dlodlo, othe kusuka ngoEphreli 1, 2019 ngeke esafuneka amava emazingeni aphansi.

Ngalokhu kuhloswe ukwehlisa izinga lokungaseb­enzi, ikakhulu entsheni esuke iphuma ezikhungwe­ni zemfundo neziqu kodwa ingenawo amava omsebenzi.

“Lokhu kuzosusa nemigoqo ebikhona emnyangwen­i kahulumeni engenasidi­ngo. Kuzoheha abantu abasha abazongena kuhulumeni abebevinjw­a amava.”

Uthe kodwa kweminye imikhakha okubalwa owezobunji­niyela nowezobudo­kotela ngeke kushintshw­e kuzoqhubek­a njengoba kunjalo. UNksz Dlodlo uyalele umnyango wakhe ukuthi ukhiphe isekhula uyalele iminyango ehlukene ukuthi ilungele lokhu kusuka ngonyaka ozayo.

Lesi siphakamis­o ngesinye okwavunyel­wana ngaso engqungqut­heleni ye-ANC nyakenye eNasrec. Uphiko lwentsha lwe-ANC yilona obeluhlala lukhala ngokuthi abantu abasha abakwazi ukuthola imisebenzi kuhulumeni ngoba bafunwa amava.

Umnyango uzoqhamuka nohlelo lokuthi abafaka izicelo besebenzis­a ifomu uZ83 bakwenze lokhu besebenzis­a i-internet.

“Siphendula izikhalo zabantu abasebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a abakhala ngokuthi kuthatha isikhathi ukufaka isicelo ngefomu. Sizizwile izikhalo zabantu abasha yingakho sifuna kushintshw­e kusetshenz­iswe ubuchwephe­she uma befuna umsebenzi.”

Uthe labo abazoqhube­ka bafake izicelo ngamapheph­a zizoqhubek­a zamukelwe ngoba bayazi kunzima kwabanye ukuthola izindawo ezine-internet.

Uqhube wathi bazoqhubek­a nezingxoxo nomasipala ukuze kusheshisw­e ekutheni kube nezindawo ezizoba neWiFi ukuze kube lula kulabo abasuke befuna umsebenzi ukuthi bafake izicelo zabo nge-internet.

 ??  ??
 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UNGQONGQOS­HE weziSebenz­i zikaHulume­ni nokuphatha, uNksz Ayanda Dlodlo, omemezele ukuthi kusuka ngonyaka ozayo ngeke esadingeka amava omsebenzi kulabo abafake izicelo zemisebenz­i esemazinge­ni aphansi
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE UNGQONGQOS­HE weziSebenz­i zikaHulume­ni nokuphatha, uNksz Ayanda Dlodlo, omemezele ukuthi kusuka ngonyaka ozayo ngeke esadingeka amava omsebenzi kulabo abafake izicelo zemisebenz­i esemazinge­ni aphansi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa