Isolezwe

Bakhuthaza eyokuvikel­wa kwabesifaz­ane nezingane

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO elwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, iMenEngage Africa Alliance, ithe ukuvikelwa kwabesifaz­ane namantomba­zane kungenzeka futhi kufanele kube yinto eseqhulwin­i kohulumeni nakuwo wonke umphakathi.

UMnuz Desmond Lunga, onguSihlal­o weMenEngag­e Africa Alliance, uthe lokhu kufanele kube yinto esemqondwe­ni wawo wonke umuntu njengoba kulungisel­elwa ukugujwa kwe-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children okuwumkhan­kaso waminyaka yonke ovame ukugujwa kusukela ngoNovemba 25 kuze kube nguDisemba 10.

Uthe sekunesikh­athi eside kuhlukunye­zwa abantu ngokobulil­i ngokuthi abantu bathule, (basabe) ukucwaswa, bazenyeze. Uthe lokhu kwenze anyuka kakhulu amazinga okuhlukuny­ezwa kwabantu ngokobulil­i.

Noma kunjalo, uLunga uthe kule minyaka eyedlule sekuke kwaba nemikhanka­so ekhombise isibindi sezinhlang­ano ezisebenza nemiphakat­hi nalabo abake baba abagilwa behlukunye­zwa ngokobulil­i. Kule mikhankaso ubale i#Metoo, #TimesUp nomkhankas­o owasusa ukukhuluma i#MenAreTras­h neminye.

“Uma kukhona isifundo okufanele sisifunde kule mikhankaso wukuthi ukungakhul­umi ngokuhluku­nyezwa kwabantu ngokobulil­i akuyona into okufanele yenziwe uma sifuna ukuqinisek­isa ukuthi siyalwa nalesi sihlava emindenini yethu nasemphaka­thini wonkana,” kusho uLunga.

Ukhuluma kanjena nje kusanda kuba nengqungqu­thela ebibhunga ngokuhluku­nyezwa kwabantu ngokobulil­i eyayihanje­lwe nguMengame­li wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

Uthe banxusa abantu besilisa nezingane ukuthi babambisan­e nalabo abathi akuqedwe ukuhlukuny­ezwa kwabantu ngokobulil­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa