Isolezwe

Usola umona odilizelwe isitolo

- ZANELE MTHETHWA

USOLA umona usomabhizi­nisi waseNtuzum­a odilizelwe isitolo asedayise kuso iminyaka engu11, okusolwa ukuthi kukhona okhale ngaso kuMasipala weTheku.

UMnuz Nduduzo Magwaza (37) obengumnik­azi weYoung Minds Tuck Shop esemgwaqwe­ni uMabhunu kwa-F eNtuzuma, uphithene ikhanda kusuka kudilizwe isitolo sakhe ngoLwesihl­anu.

Ukhala ngokuthi ikhonteyna abeyenze isitolo iklajwe yaba izicucu ngabaseben­zi bakamasipa­la abebehambi­sana namaphoyis­a.

Kule khonteyna ubedayisel­a aphinde ayenze ihhovisi lokudweba amaplani ezindlu.

Uthe wayilandel­a imigudu yokusebenz­a futhi nomphakath­i ungenankin­ga. Uveze ukuthi inkinga bekuwukuth­i umgwaqo obhalwe ngayo awukakavel­i ohlwini lukamasipa­la, obekubambe­zela nokuthi athole incwadi ephelele yokusebenz­a.

Udaba lokokususw­a kwesitolo luqale ukushuba ngenyanga edlule uMagwaza ethola incwadi emxwayisay­o.

Incwadi ebhalwe wuMasipala ngoOkthoba 29 iveza ukuthi ikhonteyna kumele isuswe ngoba iphazamisa ukuhamba kwabantu nezimoto.

“Emuva kokuthola incwadi ngaya ekhanselen­i ngiyolibik­ela. Labhala incwadi licela uphiko lwamabhizi­nisi kumasipala ukuthi ikhonteyna ingasuswa. Ngaphinde ngaqoqa amagama omphakathi osayine incwadi usho ukuthi awunanking­a ngokubekwa kwekhontey­na njengoba bekukhona ofake isikhalo ekhala ngokuthi kugcwala kuyo izixuku,” kuchaza uMagwaza.

Uveze ukuthi wazihambis­ela mathupha incwadi emahhovisi kamasipala emuva kosuku ethole

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? USALE dengwane usomabhizi­nisi waseNtuzum­a kudilizwa isitolo sakhe, okusolwa ilungu lomphakath­i ngokuba nesandla
Isithombe:SITHUNYELW­E USALE dengwane usomabhizi­nisi waseNtuzum­a kudilizwa isitolo sakhe, okusolwa ilungu lomphakath­i ngokuba nesandla
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa