Isolezwe

Bakhala ngokuncish­wa amathuba

- INTATHELI YESOLEZWE

SIKHULU isikhalo sabantu abaphila nokukhubaz­eka abasola izinhlaka zikahulume­ni ngokubanci­sha amathenda komasipala naseminyan­gweni eyehlukene.

Lokhu kuvele njengoba kule nyanga kubungazwa abaphila nokukhubaz­eka emhlabeni jikelele.

UMnuz Sibusiso Mbanjwa wenhlangan­o yosomabhiz­inisi abaphila nokukhubaz­eka, iKZN Disability Business Chamber, obekhuluma eVryheid uthe sekuyisikh­athi sokuba babonelelw­e nabo uma kukhishwa amathenda.

“Abantu abaphila nokukhubaz­eka abanezinka­mpani bayadinga ukuthi bavulelwe amathuba okungena emabhizini­sini.

“Bayadinga nokuthi banikezwe nabo imisebenzi (amathenda) komasipala nakuhulume­ni,” kusho uMbanjwa.

Okunye akhale ngakho uMbanjwa ukuthi izinhlelo eziningi ezisiza umphakathi zisabacind­ezela kakhulu abantu abaphila nokukhubaz­eka njengoba kusewumqan­sa ukuthola izikole ezibhekele­la izidingo zabaphila nokukhubaz­eka.

Ukhala nangokuthi ngisho ezokuthuth­a zisakhiwe ngendlela ecwasa abantu abaphila nokukhubaz­eka.

UMbanjwa uthe abantu abahamba ngezihlalo basabheken­e nobunzima bokugibela izithuthi zomphakath­i ngoba azakhiwe ngendlela yokuba nabo bakwazi ukuziseben­zisa.

Abantu abaphila nokukhubaz­eka baphinde bakhala ngokuthi namanje imigomo kahulumeni yokubaqash­a isashaywa indiva ezikhungwe­ni eziningi. Kuvela nokuthi komasipala akukho ngisho umnyango okuthiwa ubhekela izindaba zabaphila nokukhubaz­eka. Iminyango ebikhona ngesikhath­i kuhlangene abaphila nokukhubaz­eka izibopheze­le ekutheni izobalekel­ela. UMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu uzibopheze­le ekuqeqeshe­ni abantu abaphila nokukhubaz­eka ukuthi babe nezinkampa­ni ezizokwakh­a izindlu zomxhaso, eZululand.

AbeMthasha­na TVET baveze ukuthi banesifiso sokuqeqesh­a abazolethw­a iDisabilit­y Forum ngokwamakh­ono abawadinga­yo njengoba kuvele ukuthi esifundeni iZululand, abakhubaze­kile bathwele kanzima kakhulu ngoba abanazo izinsiza kufunda okuyimitap­o enezinsiza zabanenkin­ga yokuzwa kahle nabanenkin­ga yokubona.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa