Bakhala ngokuncishwa amathuba
SIKHULU isikhalo sabantu abaphila nokukhubazeka abasola izinhlaka zikahulumeni ngokubancisha amathenda komasipala naseminyangweni eyehlukene.
Lokhu kuvele njengoba kule nyanga kubungazwa abaphila nokukhubazeka emhlabeni jikelele.
UMnuz Sibusiso Mbanjwa wenhlangano yosomabhizinisi abaphila nokukhubazeka, iKZN Disability Business Chamber, obekhuluma eVryheid uthe sekuyisikhathi sokuba babonelelwe nabo uma kukhishwa amathenda.
“Abantu abaphila nokukhubazeka abanezinkampani bayadinga ukuthi bavulelwe amathuba okungena emabhizinisini.
“Bayadinga nokuthi banikezwe nabo imisebenzi (amathenda) komasipala nakuhulumeni,” kusho uMbanjwa.
Okunye akhale ngakho uMbanjwa ukuthi izinhlelo eziningi ezisiza umphakathi zisabacindezela kakhulu abantu abaphila nokukhubazeka njengoba kusewumqansa ukuthola izikole ezibhekelela izidingo zabaphila nokukhubazeka.
Ukhala nangokuthi ngisho ezokuthutha zisakhiwe ngendlela ecwasa abantu abaphila nokukhubazeka.
UMbanjwa uthe abantu abahamba ngezihlalo basabhekene nobunzima bokugibela izithuthi zomphakathi ngoba azakhiwe ngendlela yokuba nabo bakwazi ukuzisebenzisa.
Abantu abaphila nokukhubazeka baphinde bakhala ngokuthi namanje imigomo kahulumeni yokubaqasha isashaywa indiva ezikhungweni eziningi. Kuvela nokuthi komasipala akukho ngisho umnyango okuthiwa ubhekela izindaba zabaphila nokukhubazeka. Iminyango ebikhona ngesikhathi kuhlangene abaphila nokukhubazeka izibophezele ekutheni izobalekelela. UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uzibophezele ekuqeqesheni abantu abaphila nokukhubazeka ukuthi babe nezinkampani ezizokwakha izindlu zomxhaso, eZululand.
AbeMthashana TVET baveze ukuthi banesifiso sokuqeqesha abazolethwa iDisability Forum ngokwamakhono abawadingayo njengoba kuvele ukuthi esifundeni iZululand, abakhubazekile bathwele kanzima kakhulu ngoba abanazo izinsiza kufunda okuyimitapo enezinsiza zabanenkinga yokuzwa kahle nabanenkinga yokubona.