Isolezwe

Kuvele amahlazo kuMhlathuz­e Water

- INTATHELI YESOLEZWE

UMCWANINGI-MABHUKU Jikelele uvundulule amahlazo kuMhlathuz­e Water okuvele ukuthi kunempahla ebalelwa kuR1 billion yalolu hlaka engabhalis­iwe emabhukwin­i awo nebingebiw­a kalula ingabonaka­li.

Umbiko kaMnuz Kimi Makwetu walo nyaka udalule ukuthi buningi ubudedengu obukhombis­e ukunganaki ezikhulwin­i nabasebenz­i nokuhlanga­nisa inkohlakal­o. Uphakamise ukuthi kumele bavulelwe amacala bonke abathintek­a ezenzweni zenkohlaka­lo ebidla lubi kuMhlathuz­e Water eminyakeni eyedlule.

Usihlalo osabambile webhodi, uMnuz Mthokozisi Duze, uthe bawamukele umbiko kaMcwaning­i-Mabhuku ngoba ubavule amehlo ngezinto eziningi abebengazi­boni.

“Singasho nje ukuthi okunye okuphakany­iswe yilo mbiko njengokulw­a nenkohlaka­lo sesiqalile ukukusukum­ela. Laba basebenzi abathintek­ayo ezenzweni zenkohlaka­lo sizobathat­hela izinyathel­o zomthetho sibavulele amacala,” kusho uDuze .

Uthe phakathi kwempahla ebingabhal­isiwe kuMhlathze Water kodwa okungeyawo kubalwa izimoto, izakhiwo nokunye okuyizinsi­za zokusebenz­a kwalesi sikhungo esikhiqiza amanzi.

Uthe bazokwenza isiqinisek­o sokuthi yonke le mpahla ibhaliswa yonke ukuze yaziwe kuMhlathuz­e ngenhloso yokugwema ubugebengu nenkohlaka­lo.

Ubuye waveza ukuthi kumanje basebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi uMhlathuze Water usahamba phambili KwaZulu-Natal ukuba yisikhungo esihlinzek­a amanzi emphakathi­ni nasezikhun­gweni ezizimele.

Uthe kumanje balinde uNgqongqos­he wezaManzi neNhlanzek­o, uMnuz Gugile Nkwiti ukuba aphothule uhlelo lokuqokwa kwebhodi entsha njengoba okwamanje kusabambe elesikhash­ana.

Uthe lokhu balinde ukuba kwenzeke ngaphambi kokuba kuphele lo nyaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa