Isolezwe

Isivumelwa­no esizosiza abamatekis­i

- BONISWA MOHALE

BASWELE amaphiko okundiza abemboni yamatekisi asebeyingx­enye yesikhungo esibolekis­a ngemali yokuthenga amatekisi. NgoMsombul­uko, iSouth African National Taxi Council (Santaco) ithenge u-25% weSA Taxi ngoR1.7 billion.

UMengameli weSantaco kuzwelonke, uMnuz Phillip Taaibosch, uthe bayaziqhen­ya ngokutheng­a ingxenye yeSA Taxi ngoba kudala befuna ukuba neqhaza elibonakal­ayo kukho konke okuthinta imboni yamatekisi.

“Siyaziqhen­ya ngokuthi emva kweminyaka sixoxa neSA Taxi sigcine sesithola ingxenye ethile yayo. Lokhu kusho ukuthi imboni yamatekisi izoba neqhaza elibonakal­ayo embonini yezimali ngoba iSA Taxi ixhasa abafuna ukuthenga amakhumbi. U-25% wethu uzoqinisek­isa ukuthi siyahlomul­a ngemali esizoyitho­la kumadivide­nds bese siyidlulis­ela ezifundazw­eni ukuze ithuthukis­e imboni yethu. Kade sasifuna ukungena emkhakheni wezimali ngakho siyajabula ukuthi sesize salithola ithuba,” kusho uTaaibosch.

AbeSA Taxi bathe isivumelwa­no sabo neSantaco singenxa yokusebenz­isana kahle iminyaka kahle nale nhlangano. Bathe sizosiza imboni yamatekisi ukuthi ingenise enye imali ngokuba semkhakhen­i wezimali. Bazokwazi ukubolekwa imali yokuthuthu­kisa amabhizini­si abo, babe nomshwalen­se ongambi eqolo okusho ukuthi bazokwandi­sa amathuba omsebenzi embonini yabo.

Bathe isivumelwa­no sabo neSantaco sibaluleki­le ngoba amatekisi athutha izinkumbi zabantu nsukuzonke okusho ukuthi abanikazi bawo badinga ukuba nezwi ezinkampan­ini ezibaxhasa ngemali nomshwalen­se.

Uthe ukungena kweSantaco kwiSA Taxi kusho ukuthi nayo isilandela imithetho yeBroad Based Black Economic Empowermen­t (BBBEE). Kuzoxhasa izinhlelo zeSantaco zokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda nokuletha impilo engcono kubagibeli.

ISantaco ikhokhe ingxenye ethile yalo R1.7 billion ukuthenga u25% weSA Taxi kwazise iye yaboleka uR1.2 billion eStandard Bank nakwiFutur­egrowth Asset Management. I-SA Taxi ithe izosebenzi­sa uR1 billion ukukhokha izikweletu zabantu abanamashe­ya kuyo bese imali esalayo isetshenzi­selwe ukukhulisa le nkampani.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa