Isolezwe

Kuvikelwa amantombaz­ane kwizifo zocansi

- PHILI MJOLI

UHLELO lokuvikelw­a kwamantomb­azane ukuthi angathelel­eki ngezifo zocansi olwenziwa yiNyuvesi yaseIllino­is, eChicago, e-United States of America, luzokwenzi­wa kuleli.

Lolu cwaningo oluzokwazi­wa nge-A Multilevel Comprehens­ive HIV Prevention Package for South African Adolescent Girls and Women oluzokwenz­iwa yiDesmond Tutu HIV Foundation eNyuvesi yaseKapa, lususelwe ocwaningwe­ni obelwenziw­a yiNyuvesi yase-Illinois.

Lolu cwaningo luveza ukuthi kunesiding­o esikhulu sokuthi kube nezinhlelo zokuvikela amantombaz­ane kwizifo zocansi kuzo okubalwa negciwane lengculazi .

USolwazi Linda-Gail Bekker wase-University of Cape Town obengomuny­e wabacwanin­gi kwi-Informed, Motivated Aware and Responsibl­e About Aids (Imara) okuwucwani­ngo obelenziwa eChicago, uthe kunesiding­o esikhulu sokuthi kube nohlelo lokusiza amantombaz­ane kuleli ngenxa yezinombol­o eziphezulu zokuthelel­eka kwawo ngezifo zocansi.

“Sidinga ukwenza okuthile ngokushesh­a, alinganise­lwa ku-2 000 amantombaz­ane nabesifaza­ne abasebenca­ne abathelele­ka ngegciwane lengculazi ngesonto kuleli,” kusho uSolwazi Bekker.

Uqhube wathi i-Imara inezinhlel­o ezifana nokufundis­wa ngezifo zocansi kuzo okukhona neHIV, lubuye lufundise ngezindlel­a zokudalule­lana izifuba phakathi kukamama nendodakaz­i , amasu angasetshe­nziswa umama ukuze indodakazi yakhe ithathe izinqumo eziphusile ngempilo yayo, indlela yokuziphat­ha uma isinothand­ana naye, nokunye.

USolwazi uBekker uthe okwamanje lolu hlelo kuleli, luzoqala ngohlelo lokuzwa amanzi ngobhoko oluzoba nomama namadodaka­zi abangu-50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa