Makuqiniswe imithetho elawula ukudla kuleli
ZIBHEDUKA zibhedukile izifo ezibangwa ngamagciwane atholakala ekudleni. Muva nje kukhulunywa ngegciwane i-banana bunchy top virus equbuke eNingizimu yoGu KwaZulu-Natal, okuyigciwane elitholakala kubhanana. Emasontweni edlule sibike ngovalo lokuqubuka kwesifo i-salmonellosis esibangwa wukutholakala kwegciwane i-salmonella ekudleni okungaphekiwe, amaqanda nemikhiqizo yobisi.
Kwasuka isidumo ngonyaka odlule kubheduka i-listeriosis ebangwa yigciwane elitholakala enyameni engaphekiwe i-listeria.
Ukubheduka kwalezi zifo ezibangwa amagciwane atholakala ekudleni kuwuphawu lokuthi kukhona okungahambi kahle ekutshalweni nasekugcinwenni kokudla esikudlayo kulezi zinsuku. Ongoti bathi inhlanzeko ibalulekile ukugwema ukuthi ukudla okungaphekiwe nokuphekiwe kungenwe amagciwane.
Inkinga isazobakhona kodwa ekuvimbeni ukubheduka kwezifo ezibangwa amagciwane atholakala ekudleni. Ngesonto eledlule sibike ngokugasela ezindaweni ezikhiqiza nezidayisa ukudla eSiphingo, eThekwini, kwethimba likamasipala elibhekelele ukuphepha kokudla. Okutholwe yileli thimba ebeligabe ngongoti abehlukene kwezokudla nezempilo, kuyashaqisa futhi kuveza ngokusobala ukuthi abantu basengozini yokuthenga ukudla okunamagciwane.
Kuvele ukuthi ziyinqwaba izindawo nezikhungo ezingayilandeli imigomo yokugcinwa nokudayiswa kokudla. Ezindaweni ezingu-75 ezihloliwe, zingu-25 kuphela eziyilandela kahle imigomo.
Emashalofini kukhishwe inqwaba yokudla osekonakele nokudlulelwe yisikhathi njengopholoni, ushizi nokhilimu abangavumelekile ukusetshenziswa.
Iningi lalezi zindawo nezitolo kuthenga kakhulu kuzo abantu abahlwempu ngoba zinamanani aphansi.
Amanani aphansi nje ngoba vele akukhona ukudla okumele engabe kusadayiselwa abantu abathutheleka kulezi zitolo ngoba bedonswa wukushibha.
Masiqine impela isitswebhu seziphathimandla kulezi zitolo ezenza imali ngokudayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi kanjalo nezikhungo ezikugcina zingalandeli imibandela yenhlanzeko nezempilo.